AKOBE niyabuka njalo baphathi boKhozi FM ukuthi abasebenzi benu babuye benzeni. Bathi "Siyagruva Akekh' ugogo."
Noma ngabe izinto ziyefana uMdonso Ngcobo nomculi kamaskandi, uNelisani "Ndlemnyama" Mseleku. Umzala waleyondoda.
Bese nithi uQeks uyasinaka kanti yibona abasakazi abamubiza ngisho eziphumulele ekhaya.
Nenza kahle nina Mdonso nandise isibalo sabalaleli ukuze ningadlulwa ngoMhlobo Wenene. Kodwa kuhle ningabi ongoqo.
Niwaqashe amahhotela ntombi. Awusho weMdonso, alisekho yini i-body guard lakho?Angithule kungaze kuthiwe sengithe.