KUKHUNJUZWA abantu ukuthi usalungiswa umgwaqo omkhulu, uN3, ngakho mabaqaphele uma behamba kuwona.
ISouth African National Roads Agency (Sanral) iveze ukuthi kuzoba nokuvalwa kwezindawo zokuhamba izimoto kuN3 ngaseHammarsdale kusukela ngoDisemba 12 kuya kuFebhuwari wonyaka ozayo. Kuzobe kuvalwe ngezivimbamgwaqo zikasimende ukuze kulawuleke ukuhamba kwezimoto.
Kulindeleke ukuthi kuvimbeke naku-N3 uma ubheke ngaseMgungundlovu kusuka ngoJanuwari 10 kuya ku-Julayi 29 wonyaka ozayo.
Kuzobe kuvinjwa ngezivimbamgwaqo zikasimende ukuze abantu basheshe babone ukuthi kukhona okwenzekayo.
UMnuz Jason Lowe, ophethe izinhlelo zentuthuko eSanral, ucele abashayeli ukuba bababekezelele kulesi sikhathi njengoba kunezingxenye zomgwaqo ezivaliwe.
Uthe ukubekezela nokulandela isilinganiso sejubane esibhalwe emigwaqweni kuzobasiza ukuba bafike bephephile ezindaweni abaya kuzona.
Ucele uxolo ngokuvalwa kwezingxenye zomgwaqo njengoba kubalulekile ukuthi ulungiswe.