KUDUTSHUWE kwabulawa abantu abayisiyithupha, kwalimala kanzima oyedwa izolo ngesikhathi kugasela abantu abangaziwa bevulela ngenhlamvu emzini oseDemat, eMariannhill, eThekwini.
Ngokusho komthombo, isigameko senzeke izolo ngezikhathi zantambama.
“Abahlaseli kuthiwa bebehamba ngezinyawo. Bafike bavulela ngenhlamvu kubantu ebebesendlini, kwashona abahlanu khona lapho endaweni yesigameko, ababili kuthiwa baphuthunyiswa esibhedlela basesimweni esibi,” kuchaza umthombo.
Umthombo obukhuluma neSolezwe ngesikhathi usendaweni yesigameko uthe ngokuthola kwawo, ebebesendlini abahlobene, oyedwa wabo ubengumnikazi womuzi kanti abanye bebeqashile.
“Abashonile bonke bangabantu besilisa. Kanti kuthiwa abahlaseli baqede ukudubula, babaleka ngezinyawo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi amphoyisa afike ngokushesha kodwa abenzi bobubi bebengasabonwa. Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.