UPHIKO olubhekele ukukhokhela izibonelelo zikahulumeni, i-South African Security Agency KwaZulu-Natal, luthi seluqalile uhlelo lokuvalwa kwezikhungo eziholela impesheni kahulumeni ezingxenyeni ezithile zesifundazwe, okulindeleke ukuthi kuphothulwe ngasekupheleni kwenyanga ezayo.
Okhulumela lolu phiko KwaZulu-Natal uNksz Sandy Godlwana engxoxweni neSolezwe, uthe uhulumeni uthathe isinqumo sokuvala lezi zikhungo ngoba iningi lazo selisetshenziswa yisibalo esincane sabantu uma uqhathanisa naphambilini.
“Abantu abaningi sebesebenzisa ezinye izindlela ukuhola izibonelelo, imali bayikhipha emishinini yasemabhange kanti abanye bayihola ezitolo. Lokhu kwenza kusale ingcosana ethembele ekuholeni kulezi zikhungo, kanti izindleko ezikhokhwa uhulumeni ngalezi zikhungo zinkulu. Unqume ukuthi imali esetshenziswayo ukukhokhela izikhungo, isetshenziselwe okunye okuzosiza umphakathi,” usho kanje.
Uveze ukuthi uhulumeni ukhokha imali engango- R200 esikhungweni ngomuntu ohola khona, kanti ngaphandle kwalokho kuphinde kukhishwe izimoto ezihambela izikhungo nabasebenzi abazokwenza umsebenzi wokuholela, bese kufika abantu abambalwa.
Ngaphandle kwezindleko, uNksz Godlwana uthe okunye okuba yizinselelo, ubugebengu njengoba kwesinye isikhathi kugcina sekubanjwa inkunzi izimoto eziyoholela ezikhungweni. Uthe uhlelo lokuvalwa kwezikhungo lwenziwa kancane kancane, kubhekwe kuqala lezo esezinesibalo esincane sabantu abahola kuzo, kanti kuxoxiswene nobuholi bomdabu kwezinye izindawo ezisemakhaya ngesinqumo sokuvalwa kwezikhungo. Uqinisekise ukuthi kuhloswe ukuthi kuqambe kuphela uMashi, kube sekuphothuliwe ngohlelo lokuvalwa kwezikhungo.