KUDONSWE ngendlebe izintombi ngokubaluleka kokuzigcina zizitombi nokuthi zigxile emfundweni.
Lokhu kuvele ngesikhathi kunomcimbi wokulungiselela ukuya eMkhosini woMhlanga obukwaHlabisa ngeSonto.
Induna yezintombi okunguNksz Andile Zuma uthe kubalulekile ukuthi amatshitshi aziqhenye ngobuntombi bawo agxile emfundweni ukuze abenekusasa eliqhakazile.
“Isikole sibaluleke kakhulu. Yingakho kufanele amatshitshi abuqinise ubuntombi bawo ngokuthi athole iziqu emaNyuvesi. Kulabo abangaphiwe esikoleni njengoba singeke sifane sonke, kubalilekile ukuthi bagxile kumakhono abo angaba imisebenzi yezandla noma kwezolimo.
“Kuningi okungenziwa izintombi ukudlala indima ebalulekile emnothweni wezolimo nakweminye imikhakha yamabhizinisi,” kusho uNksz Zuma.
Izintombi beziphume ngobuningi bazo kulo mcimbi zijabulela ukuthi izinsuku zokuya eMkhosini woMhlanga seziyasondela.
Lo mcimbi obizwa ngokuthi iSiyaya eMhlangeni, owokulungiselela uMkhosi Womhlanga ozoba seMachobeni, eNgwavuma ngempelasonto bese ulandelwa ozoba seNyokeni kwanoNongoma ngoMgqibelo womhlaka 14 Septhemba.
UNksz Zuma ubuye wafundisa amatshitshi ngamahubo aculwa eMkhosini woMhlanga nangendlela yokuziphatha uma sezifika esigodlweni.
Uveze nokuthi selokhu baqala ukuzihlanganisa nalo mkhosi baningi abantu abahlomulile okuyizintombi ngokuthi amanyuvesi abeke amagazebo okusiza izintombi ngokufaka izicelo ezikhungweni zeMfundo ePhakeme.