UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer, uxwayise othisha ngokuthi bangalokothi bajezise abafundi ngokubashaya, ngoba ngokwenza njalo bangazidonsela amanzi ngomsele.
UNkk Frazer ubekhuluma ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isikole sabakhubazekile i-Bright Future Special School, esakhiwe eNewlands East.
“Ngithole umyalezo obuvela kumzali wengane efunda esikoleni sabafundi abaphila nokukhubazeka, ekhala ngokuthi ingane yakhe ifike ishaywe omunye wothisha. Ngeke sinivikele bothisha uma nishaya abafundi, induku seyavalwa. Nezinyunyana ngeke zikwazi ukunivikela kwazise lokhu kuyicala elinganixoshisa nasemsebenzini,” usho kanje.
Uthe nakuba kunjalo, kodwa kuyiqiniso ukuthi umsebenzi wothisha ikakhulu abafundisa lolu hlobo lwabafundi awulula, kodwa akuvumelekile ukushaya umfundi.
Ukusho lokhu nje, kuthe ngoMsombuluko, ikomiti loMnyango weMfundo eyisiSekelo lamukela ukugunyazwa komthetho ochitshiyelwe, i-Basic Education Laws Amendment Bill, phakathi kokunye oqinisekisa ukuthi induku ayivunyelwe ezikoleni futhi abenza lokhu bayothathelwa izinyathelo.
Ukuvulwa ngokusemthethweni kwalesi sithabathaba sesikole okuthiwa ukwakhiwa kwaso kudle u- R140 million, phambilini besakhiwe eNanda, sayiswa eParlock kodwa ngenxa yokuthi indawo ebesikuyo beyihlushwa yizikhukhula, sakhiwa kabusha eNewlands East.
Sinamagumbi okufundela angu-21, amanye amathathu okwenza izinto ezehlukene nezindawo zokuqeqesha abafundi ngamakhono emisebenzi yezandla.
UNkk Frazer unxuse ukuthi abazali nomphakathi basivikele lesi sakhiwo singadicilelwa phansi.