KUXWAYISWE abaholi bamaqembu ezepolitiki namalungu ukuthi bangakhulumi amagama anohlevane noma izinto ezizojivaza isithunzi sokhetho njengoba ingakakhishwa ngokusemthethweni imiphumela yokhetho.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguSihlalo weKhomishini yezoKhetho uMnuz Mosotho Moepya, othe umgomo wokuziphatha owasayinwa amaqembu usamile njengoba imiphumela ingakashicilelwa.
Usho lokhu nje abaholi abehlukene bakhwela bayadilika, abanye bakhuluma amagama anohlevane njengokuthi kwezinye izifundazwe abavoti bavote belandela uhlanga oluthile.
USihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe noSihlalo woMkhandlu we-DA uNkk Helen Zille, bathe abavoti baKwaZulu-Natal, bavotele iqembu elisha uMkhonto weSizwe, eliholwa ngowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma owayengumengameli wezwe, ngokobuhlanga ngoba engumZulu.
“Sixwayisa abaholi nabeseka amaqembu ukuthi bacwecwe ulimi uma bekhuluma ngoba imigomo yokuziphatha ethinta ukhetho isamile. Abamaqembu bayazi ukuthi uma kuphulwa le migomo yiziphi izinyathelo abangathathelwa zona emthethweni ngakho sinxusa ukuthi bakuqaphele abakushoyo kuze kukhishwe imiphumela.”
Uthe bayakwamukela ukugxekwa ngezikhalo zomphakathi ezithinta ukhetho.
Amaqembu ehlukene akhale ngokuhamba kancane kohlelo lokuvota kwezinye izikhungo ezize zavalwa entathakusa izolo, ukungasebenzi kwemishini yokubheka amagama abavoti, ukungavunyelwa kwabanye abavoti ebebengabhalisile ezikhungweni abebefuna ukuvota kuzona nezinye izinkinga.
UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu sekhomishini, uthe abasebenzi abebesiza okhethweni baqeqeshwe izinsuku ezine.
Uthe bakha uhlelo lokuqasha laba basebenzi besebenzisana namaqembu amelelekile emkhandlwini ofaka ikhomishini namaqembu.
“Kwaqashwa intsha eningi ebingasebenzi, engenaso nesipiliyoni. Ukuphatha ukhetho kudinga ukuthi ube nolwazi.”
Uthe ezikhungweni okubalwa iCity Hall, eThekwini enabantu abaningi abavota kuyona baphuzile ukubala amavoti ngenxa yokuthi kuvotwe ngisho sesishayile isikhathi sokuvala.
Ubalule nokuthi izolo ngabo-3 ntambama kunezikhungo ebezisabala amavoti.
“Siqashe abacwaninga imiphumela abazoqinisekisa ukuthi yonke imiphumela iyiyona. Uma sekuphothulwe konke kuzobe sekwabiwa izihlalo zasePhalamende kanjalo naseziShayamthetho, kunikwe inhloko yamajaji uhlu lwabantu abazojutshwa.”
Uthe umthetho ubagunyaza ukuthi bamemezele imiphumela ezinsukwini eziyisikhombisa wathi bazimisele ukungaphambani nalokhu okubekwe emthethweni.
UMamabolo uthe umthetho uvumela ukuthi umuntu avote lapho ehlala khona kuphela wathi abajikisiwe yingoba bebengaveli ohlwini lokuvota.
Abanezikhalo ezithinta ukubalwa kwamavoti noma ezinye ezithinta izinto ezenzeke ezikhungweni zokuvota, banikwe kuze kube yinamhlanje ngo-9 ebusuku ukubika ku:[email protected].