KUXWAYISWE abafundi ngobungozi bobubhoklolo osebuqonga ezikoleni, nokunomthelela wokuthi abanye babo bagcine ngokuzibulala.
Lokhu kuvele emcimbini obekuklonyeliswa kuwo abafundi abaphase ngamalengiso kuGrade 12 wango-2023 obuhlelwe wuMasipala waseMfolosi.
Imeya yaseMfolosi, uMnuz Xolani Bhengu obeliqwashiswa abafundi ngokuhlukumezana ezikoleni, uthe umasipala uzowulekelela umnyango wezemfundo ekulweni nalesi sihlava esiholela ekutheni abanye abafundi bagcine bebalekela isikole.
“Sizoqala imikhankaso ezolekelela ekutheni silishumayeze ivangeli elizosilekelela ekugcizeleleni ukuvikela izingane zamantombazane ezihlukumezekayo. Asifisi ukuthi kube nomfundi ozithola eseshiya isikole ngoba ezizwa engavumelekile. Sizoqinisekisa ukuthi siyalekelela ezinkingeni ezifana nalezi emnyangweni wezemfundo,” kusho uBhengu.
Uthe yize kuzwela kakhulu ngasohlangothini lwabafundi bamantombazane, koda umasipala uzongenelela nasekulekeleleni abafana.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye, umfundi wase Mpephose High eMakhwezini wathinta abaningi ngesikhathi ephumela obala ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngomfana ayethi uyamhlulumeza.
“Siyazi ukuthi othisha umsebenzi wabo ukufundisa kodwa uma kunesimo esingahambi kahle kusemqoka ukuthi baxhumane nesigungu sesikole ukuze sikwazi ukuthinta abezemthetho,” kuqhuba imeya uBhengu.
USihlalo we-IFP Youth Brigade, KwaZulu-Natal, uMncedisi Maphisa uthe, ukuba ingxenye yomcimbi ukufezekisa iphupho lomsebenzi kaMntwana wakwaPhindangene obeyigqugquzela kakhulu imfundo.
“Izimeya ze-IFP ezikwazi ukulekelela izingane zesikole ngezinsiza, nathi siyi IFP Youth Brigade siyakukhuthaza ukuthi bagxile kwezemfundo ngoba isona sikhiye sempilo,” kusho uMaphisa.
Kulo mcimbi kuvele ukuthi umfundi uSibusisiwe Msani, (18) waseWelabasha High School, uthole oDistinction abayisishikhombisa. Uthe ukusebenza ngokuzikhandla yikho okumlekelele ekutheni athole imiphumela emihle ngalolu hlobo.