UHLAKA olushaya imithetho ethinta izikweletu, iNational Credit Regulator (NCR), ludonse ngendlebe ababolekisa ngemali ukuthi bangalokothi bathathele abantu omazisi babo namakhadi okukhipha imali ebhange.
I-NCR ikhiphe lo myalelo emuva kokuthola izikhalo kubantu baseMbombela, eMpumalanga, akade bekhala ngokubanjelwa omazisi babo ngomashonisa.
Iye yajuba Oklebe ukuba bayophenya ngalolu daba, bagasele emizini yomashonisa lapho bethole khona omazisi namakhadi okuhola isibonelelo sikahulumeni.
I-NCR ithe kuyicala ukubamba umazisi, ikhadi lasebhange nelesibonelelo sikahulumeni. Owenza lokhu angavalelwa ejele isikhathi esingangonyaka noma ahlawuliswe imali. Isigwebo siya ngobunzima becala.
Ithe abantu baye bayibikela ngokubanjelwa omazisi njengoba sekusondele ukhetho ngoba bekusho ukuthi bebengeke bakwazi ukuvota.
Iveze ukuthi ihambisane noKlebe ngoba ayikwazi ukubopha.
Esitatimendeni sabezindaba uCaptain Lucy Sekgotodi woKlebe eMpumalanga, uveze ukuthi kuboshwe abantu abayisithupha abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-54 ababhekene necala lokuphula umthetho wezikweletu iNational Credit Act.
Uveze ukuthi bebehambisana neNCR ngesikhathi bebopha laba bantu emuva kokuthi umphakathi ubalume ngendlebe ngokuthi laba banamabhizinisi okubolekisa ngemali angekho semthethweni.
“OKlebe bathole ukuthi laba ababolekisa ngemali bebebamba amakhadi asebhange, amakhadi okuhola isibonelelo sikahulumeni nomazisi. Bebegcina lezi zinto ngakubona ukuqinisekisa ukuthi labo ababoleke imali bayayikhokha imali abayibolekile nenzalo yakhona ephezulu,” kusho uCapt Sekgotodi.
Uthe umphathi woKlebe eMpumalanga, uMajor General Nicholas Gerber, ukushayele ihlombe ukuboshwa kwalaba bantu abayisithupha.
UGerber ucele umphakathi ukuthi uyeke ukuboleka imali komashonisa ngoba abanawo unembeza futhi baxhaphaza abampofu.
I-NCR itholakala ngokushayela u-0860 627 627/011 554 2700 nangokuthumela i-email [email protected]