IQEMBU lepolitiki i-ActionSA lidalule ukuthi ingu-R277 billion imali izinkampani nabantu abayikweleta abaqoqibentela, iSouth African Revenue Service (Sars).
Kuthiwa lezi zizumbulu zikweletwa yizinkampani eziwu-2 901 ezisilele emuva ekukhokheni uR216 billion.
Kuvela nokuthi bangu-1 156 abakhokhi bentela abakweleta iSARS, uR62 billion okwenza ibalelwe ku-90% imali ekweletwayo.
Lokhu kudalulelwe abezindaba esitatimendeni esithunyelwe ilungu lePhalamende le-ActionSA, uMnuz Alan Beesley.
UBeesley uthe lezi yizimpendulo azitholile ePhalamende emuva kokubuza ukuthi zingaki izinkampani nabantu abakweleta iSars imali engaphezu kukaR10 million.
“Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJulayi, i-ActionSA yakhala ngokuphundlwa kwesabelomali sikaR1.3 billion seSars. Lokhu kwenziwa yize iSars ingenisela uhulumeni imali engaphezu kuka-90%,” kusho uBeesley.
Uveze ukuthi abakuthole ePhalamende kuyabamangaza futhi kwenzeka esikhathini lapho iminyango ehlukene kahulumeni ingase ibophe ibhande ngenhloso yokonga imali.
UBeesley uthe kuyajabhisa ukuthi kunemali engu-R277 billion abantu abayikweleta iSars esikhathini lapho uMnyango wezeMpilo kuya kowezemfundo, ubhekene nesimo esimazonzo othisha abaneziqu belengela eweni lokuphelelwa yimisebenzi.
Uthe ukuphundlwa kwesabelomali eMnyangweni wezeMfuno kuzoba nomthelela ongemuhle kwezemfundo
Leli qembu lithe kumele ilekelelwe iSars khona izokwazi ukuqoqa le mali ekweletwayo.
“Sizoqhubeka sisebenzise ikomiti elibheke ukusebenza koMnyango wezeziMali sinxenxe ukuthi kuhoxiswe ukuncishishwa kwesabelomali seSars ukuze siqinisekise ukuthi isebenza kahle ngendlela elindelekile,” kusho uBeesley.
Umdidiyeli wemidlalo yethelevishini, uDuma KaNdlovu ungomunye wabantu abathweswe icala lokusilela emuva ekukhokheni intela kaR25 million. Udedelwe yinkantolo ngebheyili kaR100 000.