I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) ixwayisa abantu ukuthi bangayinaki inkulumo engelona iqiniso ezungeza ezinkundleni zokuxhumana emayelana nokuholwa kwezimpesheni.
Esitatimendeni esithumele abezindaba, iSassa ithe izwe lisesikhathini sokhetho ngakho kunabantu abazama ngakho konke okusemandleni abo ukutshala ingebhe kubantu abahola izibonelelo zikahulumeni.
Kule nkulumo eqoshiwe kuthiwa kuzwakala izwi lowesilisa okhuluma isiXhosa, ethi uhlelo lokuholela izimpesheni lakwaSassa lugqekeziwe.
Iqhubeka ithi ngenxa yalokhu, abantu ngeke bayithole impesheni yabo njengenhlalayenza ngoba iSassa isaba abakhwabanisi.
Kuthiwa le ndoda isho nokuthi imali yesibonelelo ngeke ifakwe kuma-akhawunti asemabhange abahola izimpesheni kuze kulungiswe uhlelo lokuholwa kwezimpesheni emuva kwamasonto amabili.
Kuyona le nkulumo eqoshiwe kwaziswa abantu ukuthi imali yesibonelelo bazoyithola emahhovisi akwaSassa eduze kwalapho behlala khona futhi kumele baphathe omazisi babo.
Le ndoda kuthiwa ihubhuza amanga, ithi isabalalisa le nkululumo ngoba iyazi kunabantu abangenayo imisakazo noma uWhatsApp.
AbakwaSassa bathi ngamampunge ashiwo kule nkulumo futhi abantu abangangenwa amanzi emadolweni.
“Sinxusa abantu ukuthi bangakunaki okuqukethwe yile nkulumo kodwa balandele okubhalwe ezinkundleni zokuxhumana zakwaSassa eziqukethe imininingwane yangempela mayelana nezinsuku okuholwa ngazo izimpesheni zinyanga zonke,” kusho uSassa.
ISassa ithi akukhona okokuqala ibhekana nenkinga efuze lena kwazise isike yaphebeza amahemuhemu ayethi kuzonqanyulwa ukuholwa kwezibonelelo.
“ISassa ifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi ngeke kube nokuphazamiseka ekuholweni kwezimpesheni. Luhamba kahle uhlelo lwethu lokuholela abantu izibonelelo futhi ngeke luphazanyiswe lutho. Abantu bazoyithola ngesikhathi imali yabo,” kucacisa iSassa esitatimendeni.