ICEBO lokufihlwa kwesibhamu okwasocongwa ngaso unobhala wegatsha le-ANC KwaNdengezi, kusolakala ukuthi lenziwa ejele laseWestville, ngesikhathi indodana ivakashele uyise ongumbulali.
Uqweqwe lukamshushisi, u-Advocate Lawrence Gcaba, ubekade ehloma ngemibuzo ufakazi ongummangalelwa wesihlanu, uMnuz Lindokuhle Mbonambi.
UMbonambi, uyise uFelokwakhe Ndlovu nowakwakhe uNkk Sibongile Ndlovu (usingamama kaMbonambi) basolwa ngokugwazela ababengamaphoyisa, oMnuz Bonginkosi Dlamini noKhephu Ndlovu, ukuze kulahleke ubufakazi.
Bobahlanu bagqigqa iNkantolo yesiFunda yasePinetown, ecaleni eliqalwe ukuqulwa ngo-2021.
Bathweswe icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelokugwazela amaphoyisa ngo-R120 000 ukuze kulahleke ubufakazi ecaleni lango-2018, lokubulawa kukaMnuz Thulani Nxumalo.
Lelo cala ligcine ligojele uFelokwakhe owayeyinduna endaweni eduze naKwaNdengezi, wagwetshwa udilikajele.
NgoLwesibili, uGcaba uphice ngemibuzo uMbonambi, wamtshela ukuthi ubufakazi obusenkantolo buveza ukuthi isibhamu esabulala uNxumalo sanikwa yena nguyise uFelokwakhe.
Kuvele ukuthi leso sibhamu sadluliselwa kuMnuz Sphephelo Ndlovu ukuba asifihle emveni kokuthi amaphoyisa eyeseke afika ezosifuna kuMbonambi angasithola.
UMbuso uveze ukuthi uMbonambi wavakashela uyise ejele wamazisa ngobekufunwa amaphoyisa, emva kwalokho isibhamu sanikezwa uNdlovu sagcina sitholakala kuyena, zamkhalela.
Eseboshiwe uSphephelo, kuvele ukuthi wagqunywa esitokisini esisodwa noFelokwakhe ejele laseWestville.
“USphephelo watshela inkantolo ukuthi wabuzwa ummangalelwa wesithathu (uFelokwakhe) ejele ukuthi utheni emaphoyiseni ngesikhathi etholwa nesibhamu. Waphendula wathi wamtshela ukuthi isibhamu ngesakhe (uSphephelo), ummangalelwa wesithathu wathi ‘ibambe kanjalo ke” kusho uGcaba.
USphephelo waboshwa wase eyadedelwa waphenduka ufakazi woMbuso, kwagcina kuboshwe uMbonambi ongaphandle ngebheyili.
UMbonambi utshele uGcaba uyakweshwama ukuthi wadayisa ngoSphephelo ngoba evikela uyise ngokufihla isibhamu.
Uthe wayengamvikela kanjani uyise umuntu okwakujwayelekile ukuthi aboshwe aphinde adedelwe?
Uthe uyakweshwama ukuthi wanika isibhamu uSphephelo ukuba asifihle ngoba akazani nasibhamu yena.
Icala lihlehlele uDisemba, nonyaka, ukuze uMbuso nabameli benze izethulo zokugcina ngaphambi kokuthi imantshi uMuntukayise Khumalo, ikhiphe isinqumo.
Enkantolo bekukhona abantu abebezokweseka abamangalelwa abebebukeka bezikhululekele.