UMASIPALA weTheku unxusa abantu ukuthi bahlale besiqaphile isimo sezulu kulandela isixwayiso sabakwa-South African Weather Service ngoMsombuluko.
Lo mkhandlu omkhulukazi KwaZulu-Natal uthi izangoma zezulu zikhiphe isixwayiso esiphuzi, esisesigabeni sesibili ngesimo sezulu esibi esithinta iTheku nezinye izingenxe zesifundazwe.
Esitatimendeni umasipala uthe kulindeleke ukuduma kwezulu okuhamba nesichotho, umoya nemvula enamandla ngoMsombuluko.
Kuthiwa lokhu kungaholela ekutheni kube nezikhukhula ezindaweni eziyimijondolo, emigwaqweni, ezindaweni eziphansi namabhuloho kugcwale amanzi.
Kube sekunxuswa abantu ukuthi bahlale beqaphile bangazitholi sebelimala.
Kamuva izulu selishiya kukhalwa eThekwini, kusukela ngezikhukhula ezagadla ziphindelela kwabhubha inqwaba yabantu ngo-2022.
Abanye balabo bantu abakaze batholakale kuze kube manje.