UNGQONGQOSHE wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi, usecele othisha ukuthi bafundise izitshudeni ukuthi zingashadi nabokufika noma zidayise ngobuzwe bazo ngoba zifuna imali.
UMotsoaledi obekhuluma engqungqutheleni yeSadtu esongwa namhlanje eGoli, uthe izitshudeni zasemanyuvesi zigcina zingasakwazi ukufaka isehlukaniso ngoba zisuke zishade nabokufika ukuze bathole ubuzwe bakuleli.
Uthe nentsha edayisa ngobuzwe bayo kwabokufika ukuze ithole imali yezidakamizwa, igcina ingasakwazi ukuvula amaakhawunti noma ukuthola usizo eSassa ngoba kuvela ubuso bomunye umuntu ekubeni imininingwane kusuke kungeyayo.
“Siyacela bothisha ukuthi nifundise izingane ngengozi yokudayisa ngobuzwe. Intsha engakaze iphume kuleli ikhokhelwa oR500 ukuze idayise ngemininingwane yayo, kuthi uma sekushaywa isithombe kube ngesomuntu wokufika. Le nkohlakalo yenziwa ngabantu boMnyango wami.”
Uthe ngonyaka bathola izikhalo zezitshudeni zasemanyuvesi nasemakolishi ezikhala ngokuthi zishadiswe nabantu bokufika zingazi.
“Kukhona amacala angu-500 esiwaxazululile ezitshudeni ebezishadiswe zingazi. Ezinye zazo zisuke zazi ukuthi zishadile bese ziza emnyangweni zifuna ukuthi sizisize zifake isehlukaniso. Siyazitshela ukuthi kumele ziye enkantolo, thina sihlanganisa abantu ngomshado asibahlukanisi. Enkantolo kudingeka abameli abakhokhelwayo uthole ukuthi leso sitshudeni asinayo kwamali yesehlukaniso. Abantu bokufika bashada nabakuleli ukuze bathole ubuzwe.”
Uthe bazama ukukhuculula yonke le nkohlakalo ngoba yehlisa nesithunzi somazisi bakuleli kanjalo nesamapassport.
UMengameli Cyril Ramaphosa unxuse abantu ukuthi bangavumeli izigebengu zidlalele ezikoleni.Ukhale ngezehlakalo zokuhlaselwa kothisha ezikoleni, wathi izikole kumele ziphephe.
“U-1 million wabafundi uqala isikole minyaka yonke kodwa kwa-matric kubhala uhhafu wabo. Abanye abasiqedi isikole, sibathola sebefaka izicelo zokuhola uR350 wabangasebenzi. Othisha kumele babazi ukuthi bakuphi abafundi babo, kumele baye nasemakhaya bayobabheka uma bengasezi esikoleni,” kusho uRamaphosa ekhuluma kule ngqungquthela.