KUGXWEKWA amalungu omphakathi anomkhuba wokucekela phansi ingqalasizinda okusuke kuhloswe ngayo ukuthuthukisa umphakathi, bese eyisebenzisa emzini yawo.
Isexwayiso senziwe yiMeya yeBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zentuthuko eMdletsheni, KwaHlabisa.
UKhumalo uwadonse ngendlebe amalungu omphakathi, antshontsha amawindi nezicabha nokunye ezikhungweni zikahulumeni, njengamahholo.
Uthe umkhuba wokweba uwubuyisela emuva umphakathi ngokwezinga lentuthuko.
"Kunabantu abanamadimoni okuntshontsha izicabha bese bephihliza amawindi emahholo. Awumuhle neze lo mkhuba abazijwayeza wona. Amahholo omphakathi asephenduke izibaya zezinkomo," kubhoka uKhumalo.
Wathi nezinkulisa ezakhiwa wuhulumeni zisenkingeni yokucekelwa phansi wumphakathi.
IMenenja yomkhandlu, uDkt Vusumuzi Mthembu, ithe ngokwesimo sempilo yamanje, abantu abasasiboni isidingo samahholo. Wathi okubi wukuthi kucekelwa phansi izakhiwo ezakhiwe ngemali kahulumeni futhi onhloso yazo kuwukuthuthukisa umphakathi.
"Izingane ziyaphithizela emagcekeni nasemigwaqweni. Yingakho-ke kusemqoka ukuthi kwandiswe izinkulisa. Abantu kumele baqikelele ngaso sonke isikhathi ukuthi bayazinakekela izakhiwo zomphakathi," kunxenxa uMthembu.
Amalungu abeyingxenye yomcimbi azwakalise ukukhathakeza ngokuswela izinsizakusebenza zezingadi. Abanye banxuse ukuthi kulekelelwe abantu abasha ngoba bahamba ibanga elide uma bedinga ihhovisi elibhekelela izidingo zabo.