UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukhalima abantu abazobhiyozela imiphumela yokhetho, bese bekwenza ngendlela engekho emthethweni.
UMkhwanazi uthe abazoba osikhwili phambana nobhoko, abazobhiyoza kuze kweqe, bazoyikhotha imbenge yomile.
Uyalele abaholi bamaqembu ezepolitiki ukuthi baxwayise amalungu abo ukuthi abhiyoze kepha aqaphele.
Umkhwanazi ubeke kanje:“Sixwayisa labo abazobhiyoza ukuthi bakwenze lokhu belandela umthetho. Uma bebhiyoza bephula umthetho, amaphoyisa ngeke ananaze ukubabopha. Amaphoyisa azobe eyiqaphe ngelokhozi imibhiyozo.”
Wathi nalabo abazophuza bese beshaya abanye, bazobhekana nabo.
“Njengoba kuqala impelasonto kukhona abazophuza bese bebhiyozela kwabanye. Kwabona siyabaxwayisa ukuthi bapheze ukwenza lokhu ngoba uma beke baphambana nomthetho, sizobe sikhona ukubabopha,” kusho uMkhwanazi.
Ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esikhungweni semiphumela yezokhetho yeKhomishini yezoKhetho eThekwini.
UMkhwanazi uncome amaphoyisa ngomsebenzi omuhle awenzile ngalesi sikhathi sokhetho, wathi ibalelwa ngaphezu kuka-900 imibhikisho yomphakathi yokukhala ngezidingo kusuka ekuqaleni konyaka.
“Abalelwa ku-60 amacala athinta ukhetho, ahlanganisa ukuphazamisa abasebenzi bokhetho, ukucekela phansi impahla yokuvota, ukushaya, ukuqhumisa isibhamu namanye. Bathathu abantu ababoshelwa lawa macala abangakadedelwa,” kubeka uMkhwanazi.
Uthe emacaleni okubulala abikiwe eMpumalanga, Wartburg naseMuden ngaseGreytown, bathole ukuthi abengahlangene nokhetho.
“Kunamaphoyisa amabili ayekiswe umsebenzi wokugada ukhetho emuva kwe-vidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana egqoke umfaniswano wamaqembu. Umsebenzi wethu akuwona owokuba osopolitiki kodwa ukugada ukhetho,” kusho uMkhwanazi.
Khonamanjalo isikhulu esiphezulu seKhomishini yoKhetho, uMnuz Sy Mamabolo, sikuchithile ukuthi ubuhixihixi obudaleke izolo kucisha ibhodi lemiphumela ezikhungweni okukhishwa kuzona imiphumela, buzoba nomthelela emiphumeleni.
Uthe alukho ulwazi olwebiwe kulobu buhixihixi.
“Alukho ulwazi olwebiwe ngenxa yalobu buhixihixi. Ulwazi lonke luphelele kube nje nokuphazamiseka kodwa yonke into ihamba kahle.”
Kanti isikhulu sekhomishini KwaZulu-Natal uNkk Ntombifuthi Masinga, sihambe emazwini kaMamabolo, sathi alukho ulwazi olulahlekile ngenxa yobuhixihixi.
Uveze ukuthi zintathu izikhalazo ngokhetho abazitholile wathi ezimbili zazo zichithiwe.
“Esisodwa simatasa naso. Sizothi sikhipha imiphumela ngeSonto (kusasa) sibe sesixazulule yonke into. Imiphumela yaseThekwini, izogcina ukungena ngenxa yokuthi inezikhungo eziningi zokuvota,” kuchaz uNkk Masinga.
Uveze ukuthi iTheku linezikhungo ezibalelwa ku-800, ekubeni izikhungo zokuvota zibalelwa ku-4 900.