UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo udonse ngendlebe izikole okubhalwa kuzo izivivinyo zokuphela konyaka zika-matric ukuthi zihlukane nokunqabela abafundi abakhulelwe nabangayikhokhile imali yesikole ukuthi babhale.
Umnyango ukusho lokhu izolo ngesikhathi kunesithangami nabezindaba emahhovisi awo ePitoli ukuchaza ngosekwenzekile kusukela kuqale ukubhalwa kwezivivinyo ngo-Okthoba 25.
Umqondisi Jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe bazwile ngezigameko lapho abafundi benqatshelwe khona ukubhala izivivinyo ngoba bekhulelwe noma bengayikhokhile imali yesikole.
“Leso senzo asikho emthethweni. Imithetho yethu ikubeka kucace ukuthi indaba yemali yesikole yinto okufanele idingidwe nomzali noma naloyo obheke ingane. Akekho umfundi okufanele anqatshelwe ukubhala ngoba engakhokhile imali yesikole,” kusho uMweli.
Uthe izigameko zalolu hlobo kufanele kungananazwa, zibikwe ngokushesha emnyangweni ukuze ungenele, umfundi angaze aphuthwe yithuba lokubhala izivivinyo zakhe.
Uqhube wathi banxusa umphakathi ukuthi uyeke ukuthikameza abafundi baka-matric ngeziteleka zokugqoza kwentuthuko.
“Sikuqonda kahle ukukhathazeka kwabo kodwa siyawunxusa umphakathi ukuthi uzivumele izingane ukuthi zibhale izivivinyo zazo. Umphakathi awukhumbule ukuthi izingane zichithe iminyaka engu-12 kuya kwengu-13, zilungiselela ukuthi zibhale lezi zivivinyo,” kusho uMweli.
Uthe abafundi bavele babhekane neziwombe ezinzima ezifana ne-Covid-19, ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, manje bazithola bebhekana nesimo lapho bengakwazi ukufinyelela ezikoleni ngenxa yeziteleka zomphakathi.
Uphinde wacela ukuthi kube khona ukubambisana phakathi kwezikole nawo umphakathi ukuqinisekisa ukuthi uma kubonakala isimo sezulu sishintsha, abafundi abahlala kude nezikole, banikwe usizo lokuhlalela eduze nazo.
“Sicela kube nohlelo lokubambisana emphakathini lokuthi abafundi bahlaliswe imiphakathi eseduze nezikole ukuze kuqinisekiswe ukuthi abavaleleki ukuthi bangakwazi ukufinyelela ezikoleni ngenxa yesimo sezulu esibi,” kusho uMweli.
Uveze nokuthi bakhathazekile ngesiteleka samaholo sezisebenzi zikahulumeni (okukhona kuzo nothisha) esihlongozwa yizinyunyana ukuthi singase siphazamise ukubhalwa kwezivivinyo.
Uthe bamatasa nokubheka izindlela zokuthi bazobhekana kanjani naso uma sigcina siba khona ngempela ukuqinisekisa ukuthi ukubhalwa kwezivivinyo akuphazamiseki.
UMqondisi oMkhulu eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uDkt Rufus Poliah engena egxila kokubalulwe uMweli uthe ezinsukwini eziyisihlanu obekubhala ngazo u-matric, kubakhathazile ukuthi babikelwe ngeziteleka ezibe khona ezifundazweni iNorth West, Northern Cape neGoli.
Ephawula ngolwesimo sezulu, uthe bathole umbiko wezikole ezikhahlanyezwe isiphepho eNorth West naseNorthern Cape.
Uthe nakuba bengasho ukuthi kubukeka kusahamba kahle konke okuqondene nezivivinyo kodwa udaba lokucishwa kukagesi luke kwazithikameza kancane izivivinyo.
Uthe ngesikhathi kubhalwa iphepha le-Computer Applications Technology (CAT) babekhathazekile ngoba uhlelo lokucishwa kukagesi lwalusesigabeni sesine.
“Nakuba kunjalo, izivivinyo zaqhubeka kahle, abafundi bakwazi bonke ukuthi babhale iphepha,” kusho uDkt Poliah.
Ebalula ubuhixihixi obuncane obabakhona, uthe kwezinye izikole kwaphoqa ukuthi abafundi babhaliswe ngaphambi kwesikhathi esibekiwe iphepha, ngesikhathi kwezinye bagcina bebhaliswa sekwedlule isikhathi.
“Zingu-119 izikole ezaphazanyiswa ukucishwa kukagesi. Ezintathu zathikanyezwa ubuhixihixi bezobuchwepheshe ngenkinga yama-khompyutha okwakubhalwa ngawo,” kusho uDkt Poliah.
Uthe ngesikhathi kubhalwa i-Information Technology, zimbili izikole ezaphazamiseka ngenxa yokucishwa kukagesi.
“Bangu-3 956 abafundi abathikamezeka ngenxa yokucishwa kukagesi. Bangu-14 abafundi okufanele baphinde babhale iphepha le-CAT ngenxa yokuthi kwathi uma i-system yesikole ishintshela kwi-generator emva kokuhamba kukagesi, alimala amakhompyutha ababezobhala ngawo,” kusho uDkt Poliah.
Uqwashise bafundi ngokuthi abakugweme ukungena ezindaweni ababhalela kuzo namaselula noma bakopele ngoba lokho kuholela ekutheni kuthikamezeke ikusasa labo uma sebebanjiwe.
Uphethe ngokuthi umnyango unazo izinhlelo ezilekelela abafundi abahlaselwa ukugula ngaphambi kokubhala balaliswa ezibhedlela ukuthi bakwazi ukuqhubeka nezivivinyo zabo khona besezibhedlela. Wathi bangakwazi ukubasiza labo abahlaselwa ukugula bengaphakathi egunjini lokubhala, athe bangangena ngaphansi kohlelo lokuphinde babhale ngonyaka ozayo.