IGCINE ikhonjwe indlela imenenja kuMasipala Abaqulusi, obesekuphele izinyanga imisiwe emva kokuthi isolwe ngokuvumela owayeyimeya kulo masipala ngokuba wusihlalo emhlangwaneni wekomiti lezezimali, ekubeni wayesesulile esikhundleni.
Incwadi equkethe umbiko wokuxoshwa kukaMnuz Zwelihle Dlamini, Isolezwe eliyibonile ebhalwe ngoMsombuluko.
Lencwadi iveza ukuthi ulahlwe ngecala lokuholela ophathe amalungu ekomiti lezezimali ngoMashi 28, 2023 ngesikhathi ewatshela ukuthi uMnuz Mncedisi Maphisa, okwasekuphele amasonto amabili esulile ukuthi unelungelo lokuba wusihlalo womhlangano.
Ngokwale ncwadi, uMaphisa waqhubeka ukuhlalisa lomhlangano wabanesandla ezinqumweni ezazithathwa kuwo ekubeni wayengaseyiyona imeya.
UMaphisa wayesule emva kwezincomo zesigungu esiphezulu se-IFP ukuthi asuke esikhundleni kulandela inkulumo yakhe eqoshiwe eyayinamagama alumelayo eyaputshuka yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, okukholakala ukuthi wayephoqa abasebenzi komunye umhlangano ayenawo nabo ukuthi benze intando yakhe.
Ecaleni elethweswe uDlamini ebeliqhubeka ngaphakathi kuMasipala phakathi kukaJanuwari noMashi kulo nyaka, utholwe enecala lokukhohlisa umkhandlu wamakhansela nosomlomo kumasipala okuthiwa kwenzeke ngoJulayi nyakenye.
Kuvele ukuthi wathi isibalo sababebamba umhlangano sasanele ukuthi ungaqhubeka, okwatholakala ukuthi akunjalo emva kokuthi sekuthathwe izinqumo emhlanganweni wamakhansela.
Okunye axoshelwe khona, kuthiwa ukuqoka ngendlela engekho emthethweni uMnuz Thami Xaba esikhundleni sokuba yisikhulu esibambile ophikweni lokusebenzisana nomphakathi kulo masipala.
Imizamo yokuthola uDlamini ayiphumelelanga, ngesikhathi sokuloba ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela umasipala uNksz Lolo Madonsela uthe udaba lusingethwe yiMeya uMnuz Khehla Mkhwanazi, ngesikhathi sokushicilela athe isematasa nemisebenzi kamasipala.