AKHONJWE indlela amakhansela ayisishiyagalolunye kuMasipala waseMvoti asolwa ngokulova emihlanganweni yomkhandlu.
Isinqumo sokuxoshwa kwala makhansela e-IFP kanye nelilodwa le-ABC siqinisekiswe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi.
Emakhanseleni axoshiwe kubalwa owayeyimeya, uMnuz Zamani Malembe, owayengusomlomo womkhandlu, uNksz Noluthando Dlamini, owayenguSotswebhu omkhulu emkhandlwini, uMnuz Mbongiseni ‘Bhojasi’ Dlamini kanye nekhansela le-ABC, uMnuz Mbuyiseni Majozi.
UMalembe, Nksz Dlamini noDlamini bakhishwa ezikhundleni ngevoti lokungabethembi ubuholi babo.
Bawuduba umhlangano abakhishwa kuwo, baphinde baduba neminye imihlangano elandelayo.
UMajozi naye kuthiwa ubengayihambeli imihlangano.
I-ABC ike yazama ukumxosha ngoba imsola ngokuthi uvota ne-IFP kodwa inkantolo yakuchitha ukuxoshwa kwakhe.
Izolo uNkk Sithole-Moloi wazise inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission of South Africa, ukuthi lama khansela axoshiwe.
Uthe ukuxoshwa kwawo kuhambisana nemigomo eyengamele ukuziphatha kwamakhansela.
Ukusho lokhu encwadini ayibhekise koyisikhulu senhlangano yokhetho KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Mngadi, uvumile ukuthi lukhona udaba olunje, kodwa wangafuna ukuphawula ngencwadi yokuxoshwa kwamakhansela.
“Engingakusho mina ukuthi lolu daba siphezu kwalo njengomnyango, sizolandela yonke imigomo kuze kube sekugcineni. Lolu daba luthinta ukulandelwa kwemigomo elawula ukuziphatha kwamakhansela ethi ikhansela kufanele libike uma lingezukuphumelela emhlanganweni.”
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe bese beyibonile incwadi kaNkk Sithole-Moloi.
UNtuli uthe bazophikisana nalesi sinqumo.
“Amakhansela aseludlulisele kubameli lolu daba ngoba kukhona angeneme ngakho. Esingakusho ukuthi njenge-IFP kuyasimangaza lokhu okwenzekayo kulo mnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Sihlezi sikusho ukuthi okwenziwa yilo mnyango akulekeleli ekulethweni kozinzo nezidingo komasipala.
“Lesi sinqumo siphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo njengoba kukhona namakhansela ama-ward kulawa okuthiwa ayaxoshwa. Lawo makhansela avotelwa abantu. Uma kunezinto ezithinta amakhansela e-ANC ungqongqoshe ubukeka emadolo nzima ukuthatha izinqumo, ummese wakhe ubukeka ubukhali nganxanye.”