NJENGOBA kuqala unyaka, ngifuna sike silikhulume nje iqiniso noma libaba kanjani. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi anisafuni nhlobo ukusebenzisa ijazi lomkhwenyana. Ngisho kuwo wonke umuntu, angikhethi bulili.
Indoda ithi iqala ukuhlangana nentombi, ingabuzi lutho, ikhale khona. Kube yinyama enyameni. Naleyo ntombi ayibuzi lutho, zilima ziya etsheni. Ngifuna ukuphinde nginikhumbuze bakwethu ukuthi izifo zocansi ezithelelanayo zisekhona.
Kodwa kuleli sonto ngifuna sigxile kuleli qiniso: ukuzitika ngocansi olungaphephile nabantu abahlukene kuwubunuku! Angiphinde futhi ngisho kanje, ukuzitika ngocansi nomuntu owazi kahle ukuthi ulala nabanye abantu abehlukene, kuwukungazithandi wena uqobo. Ubunuku obuphindiwe!
Akugcini-ke lapho, niyazi yini ukuthi kwasitho sakho sangasese sigcina siyinto enyanyekayo nje. Noma ngabe awungenwanga-ke yizifo ezithelelana ngocansi kodwa uma ungowesifazane, isitho sakho sangasese sigcina sinuka kabi nje. Phela imbewu noma uketshezi olushintshana lungena luphuma kusona lushiya izinto eziningi ezahlukene nalo oluzicoshe ezindaweni eziningi.
Izifo zocansi zigcina zilimaza izitho zethu zangasese futhi zigcine zidala nephunga elingelihle. Ezinye zazo singakwazi ukuzigwema ngokuthi sizinakekele, siphinde sizivikele uma senza ucansi. Ziningi-ke izifo zocansi ezikhona nezilimaza izitho zangasese. Ezinye zigcina zingalaphekanga kanti ezinye uthole ukuthi ziyalapheka kodwa isitho sisala nephunga elibi elingapheli.
Phakathi kwezifo zocansi ezilimaza ngaphansi singabala;
*Izinsumpa: Zingagcina zibhebhetheka zigcwale inanazi yonke uma ungasheshanga wazisukumela wazilapha
*Okubukeka njengeCauliflower: Kuyisifo esingabukeki kahle esiba ngaphansi naso esidinga ukwelashwa ngokushesha ngoba senza inanazi ihlukumezeke.
*Yeast Infection: Yebo, lesi sifo asithelelani kuphela ngocansi kodwa ukuzihlanganisa nocansi olungavikelekile nabantu abahlukene, kuyasisondeza. Owesifazane uyalunywa ngaphansi kwesinye isikhathi kuze kube noketshenzi olunganuki kahle, olunuka samvubelo.
*Izintwala: Zona ke ziyahluka, kukhona ezesichitho bese kuba khona ozithola kumuntu owenze naye ucansi uma naye ebenazo.
Zonke lezi zifo ziyinkinga futhi zingalimaza isitho sakho sangasese, yingakho kufanele sizivikele uma senza ucansi siphinde sinakekele izitho zethu zangasese. UMnyango wezeMpilo uyazama ukukhuthaza abantu emphakathini ukuthi bazibandakanye nocansi oluphephile. Siyawabona namabhodi lapho ugqugquzela khona ukusetshenziswa kwejazi lomkhwenyana. Zikhona nezinye izinto ezisiza ukuthi isitho sakho sangasese sihlale sihlanzekile futhi ikakhulukazi thina bantu besifazane.
Yebo, namankwahla ayanuka futhi nowesilisa uyazithola izifo kodwa okwethu bantu besifazane kuthanda ukuba bucayi kakhulu ngoba inanazi iyindawo ebucayi. Kumele sizijwayeze nokudla izinto ezinempilo kanjalo nezinto esigeza ngayo inanazi yethu ukuthi ihlale ihlanzekile inganuki iphunga elixakile.
Singavumi ukuba nezifo ebesingakwazi ukuzigwema, sizijwayeze nokushefa iziboya kanjalo nokuvakashela udokotela wabesifazane okungenani kanye ngonyaka ngisho ngabe akukho lapho kubuhlungu khona enkomeni. Uthi kudokotela ake akuxilonge nje ukuthi ngabe konke kusahamba kahle yini.
Ukuhlala uhlola inanazi yakho ukuthi isawumqemane yini kungadala ukuthi izifo eziningi zingakuhlaseli unganakile. Phezu kwakho konke, ngiyalishumayela leli vangeli futhi kulo nyaka nginalo shaqa. Asiyekeni ukuhambe sizitika ngocansi nabantu esingabazi. Asiyekeni ukuzitika ngocansi nenqwaba yabantu. Noma ngabe uyindoda, akukho okukugunyaza ukuthi uhambe ulala, ikakhulukazi unaye nomuntu oqondile. Asiwuyeke umkhuba wokulalwa nokufuna ucansi ematshwaleni.
Elawini LikaMaGumede sigqugquzela ukuziphatha ngendlela ehloniphekile nokuzithanda. Sigquqguzela ukuhlanzeka nokunakekelwa kwezitho zethu zangasese njengoba kuqala unyaka. Kulo nyaka nje asiyeke ukuhambe sibhabhalala!