UKWENZA ushintsho emphakathini, uthi yinto akhule eyizwa ngaphakathi uNksz Wongakazi Majola (46) oyisikhulu esiphezulu kwiSolidarity Fund.
ISolidarity Fund yisikhwama sikahulumeni esisungulwe ngenhloso yokulekelela abantu baseNingizimu Afrika njengoba kuhlasele iCovid-19. Uphinde abe yiHead of Humanitarian Crises Relief Fund ebhekele abantu namabhizinisi akhahlanyezwe yizibhelu ebeziKwaZulu-Natal naseGauteng ngoJulayi .
Uthe ngesikhathi ekhula ubenesifiso sokwenza ushintsho noma ingayiphi indlela emphakathini. Emabhizinisini uthe uke wazama ukuba nakuwona kodwa wagcina ewayekile ebona kungahambi kahle wagxila emsebenzini abizelwe kuwona wokulekelela umphakathi esebenzisa imfundo yakhe.
“ Umsebenzi wami kwiSolidarity Fund ukusebenzisana noMnyango wezeMpilo, ukuqinisekisa ukuthi zonke izinsiza zezempilo ziyatholakala futhi zanele ukuthi kusizwe abasebenzi nomphakathi. KwiHumanitarian Crises Relief Fund ngimatasa nokuhlola umonakalo odalekile ngesikhathi sezibhelu bese ngiqhamuka namaqhinga okuthi kusizakale abantu abakhahlanyezwe yilolu dlame. Siqale sahlola izindawo ezihlukene eGauteng nakwaZulu-Natal saphinda saxoxa nomphakathi othintekile. Lokhu yikhona okuzosisiza ukuthi sibone ukuthi singasiza kanjani njengoba sibonile ukuthi akulimalanga izitolo kuphela kodwa nomphakathi uphazamisekile ngezindlela ezahlukene,” kusho uNksz Majola.
Okufakazela ukuthi ubizelwe ekusizeni umphakathi, uNksz Majola uthi yonke imisebenzi aseke waqashwa kuyona ngeyokusiza umphakathi ezintweni ezahlukene.
Uneziqu zeMasters in Business Administration azithole eHenley Business School, General Management Programme ayithole eGordon Institute of Business Science neBachelor of Commerce Honours degree ayithole eFort Hare University.
Waqala ukusebenza eKhuthele Projects lapho ayeqeqeshelwa khona umsebenzi. IKhuthele Projects ingaphansi kweBKS Consulting Engineers. Ngo-2001 wasebenza eMornitor Group njengeManagement Consultant lapho ebeqinisekisa khona ukuthuthukisa amabhizinisi ngolwazi lwezimakethe nokuthola uxhaso. Wasebenza naseCompetition Commission. Waphinda waqashwa ukuba ngumeluleki kwa-Icasa okuyinhlangano ekhipha amalayisensi emisakazo.
Ngo-2008 uqashwe yiSars lapho efike wahola ithimba elifundisa abantu ngentela. Nalapho uthe umsebenzi wakhe waba yimpumelelo njengoba wagcina ekhiqize inqwaba yothisha abafundisa abantu ngentela. Ungene eSolidarity Fund esuka kwaSars. Njengoba beqoqa ulwazi ngokukhahlamezeka kwamabhizinisi nomphakathi ngenxa yezibhelu, kuleli sonto bebeseThekwini lapho bebehambela khona umphakathi namabhizinisi athintekile beqoqa ulwazi ukuze babone ukuthi bangabasiza kanjani. Basebenzisana noMasipala weTheku ukuqinisekisa ukuthi bathola bonke abathintekile.
Echaza ngempilo yakhe uNksz Majola, uthe udabuka eMdantsane, e-Eastern Cape. Uzalwa nguNksz Flossie Majola noMnuz Benjamin Mtengenya ongasekho emhlabeni. Kwabo babili, yena ungomdala.
Amabanga aphansi uthe uwafunde eFanti Gaqa Primary School waphothula u-matric eSt Matthews High School, waya eFort Hare University.
Kafushane ngoNksz Majola:
–Ekudleni uthe uzifela ngamakhekhe, asikho isiphuzo asithanda kakhulu ngaphandle kwamanzi
–Into esake yamjabulisa kakhulu ukuba nomntwana njengoba enendodakazi eneminyaka eyisishiyagalolunye
–Useke wavakashela amazwe amaningi okukhona kuwona iBotswana, Swaziland, waya e-Uniked Kingdom, Asia, UAE, Indonesia, Italy nakwamanye
–Uma engekho matasa nomsebenzi ukhonze ukuhlala nendodakazi yakhe nonina baphinde bazikhiphe
–Akazikhonzile izimoto yingakho ethi akanaki ngisho amagama azo kodwa anesiqinseko sakho ukuthi uhamba nge-Audi
–Emsakazweni ukhonze ukulalela izinhlelo zasekuseni kwi-702