KUKHALWA zinkalo zonke ngokudlula emhlabeni kwengwazi yomculo we-jazz, uDkt Nhlanhla Brian Thusi(66).
Ingqalabutho yomdidiyeli wemidlalo yeshashalazi uMbongeni Ngema seyibhonge emswanini ngokudlula emhlabeni kwengwazi yomculo kwale ngwazi.
Izindaba zokushona kukaThusi zidalulwe ngumkhulumeli womndeni uVukani Mbhele. Uthe umufi ushonele esibhedlela saseThekwini, iSt Augustine ngoLwesibili ngo-10 ebusuku ngemuva kokuphuthunyiswa khona ngoMsombuluko ngenxa yokuxinwa yisifo sezinso.
UNgema uthe ushaqeke kakhulu ngesikhathi ezwa ngokushona kukaThusi ngenxa yokuthi usebenze naye kakhulu iminyaka engu-40. “Sakhula naye sisebancane ngeminyaka yo-1970, ubesefana nengxenye yempilo yami. Kufana nokuthi kuxebuke inyama kimi. Sizungeze naye amazwe ngamazwe nemidlalo yami oSarafina noTownship Fever. Kuwowonke ama-albhamu ami ngiwenze naye, oWoza My Fohloza noStimela SaseZola.” kukhala uNgema. Nomsakazi woKhozi FM uMandla ‘Mr Gold’ Mdletshe uthe balimele kakhulu ngoba uThusi ubewumculi obengazikhukhumezi yize ebesezungeze inqwaba yamazwe. “Baningi abaculi abasizwe wubab’uThusi,” kusho Mdletshe.
Nenkakha ye-jazz uJerry Kunene ithe isebenze kakhulu noThusi emaqenjini amaningi e-jazz. Sengisele ngedwa kwesasicula nabo kwiKey Notes.Nakwi-albhamu yakhe yokuqala ethi, Nomakunjalo sasebenza naye,” kusho uKunene. UThusi ushone kade enandisa emcimbini, Ukhozi FM Soul and Jazz Festival eMhlathuze Sports Complex. Umgqugquzeli walo mcimbi uThulani Maphumulo uchaze uThusi njengomunye wabaculi abebenganakiwe kuleli.
“Mina ngaqala ukwazi ngaye ngisezwa ngamagalelo akhe ngomsakazi uDalton Thamsanqa Ngwenya owayedume ngoDT. Ubenandisa kwiNewcastle Jazz Festival nakwiSoul & Jazz Festival eMhlathuze. Besingazi ukuthi izimanga abezigila ngalolu suku bese kuwukuvalelisa kwakhe,” kusho uMaphumulo. Nongoti wezomnotho kuleli uSolwazi Bonke Dumisa utuse amagalelo kaThusi ekukhiqizeni abaculi abaziwayo esikoleni nasesontweni.
“Sizomkhumbula ... Lala ngoxolo Dkt Brian Thusi, uyikhathulile indima ebonakalayo emhlabeni. Sengathi Ngqongqoshe Weziwe Thusi ungahlale wazi ukuthi igama likabhut’ uBrian liyohlale lisezingqondweni zethu.”
Egameni lomndeni, uVukani uthe kunzima ukwamukela ukuthi uThusi akasekho. “Ubengumyeni, engumkhulu nomsizi womphakathi.