IKHUZA ibuya esikhundleni iNhloko yeBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago, emuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa, evuselele inkontileka yayo.
I-SARB imemezele izindaba yathi uKganyago unikezwe inkontileka yeminyaka emihlanu.
Ngaphandle kukaKganyago kuqokwe namaphini amabili azosebenzisana nawo. Abaqokelwe ezikhundleni zamaphini nguNksz Nomfundo Tshazibana, Dkt Rashad Cassim. Kwathi uDkt Mampho Modise wafakwa esikhundleni sikaMnuz Kuben Naidoo, obeyiPhini lenhloko yeSARB owesule nyakenye.
Ihlandla likaKganyagko elisha lizoqala ngoNovemba nonyaka, liphele ngoNovemba ka-2029. AbeSARB bababongele kakhulu abaqokiwe bazwakalisa ukubethemba nokubeseka emsebenzini wabo.
Baveze nokuthi ukuqokwa kwabo kuzodala uzinzo kulesi sikhungo esithathwa njengesibaluleke kakhulu ezweni. Bathe bayamethemba kakhulu uKganyago ngenxa yesipiliyoni anaso nokusebenza ngobuqotho akukhombisile.