KUGQUGQUZELWE ukubaluleka kothando nenhlonipho ezinhlangeni ezehlukene ebeziyingxenye yomcimbi obuseTuzi Gazi eRichards Bay ngoMgqibelo. Lo mcimbi weSivananda World Peace Foundation owokuqinisa amaxhama okuxhumana, ukusebenza ngokubambisana nobudlelwano obuhle phakathi kwezinhlanga ezehlukene kuleli. Izinhlanga ezehlukene okubalwa amaNdiya, isizwe samaZulu, abelungu nezinye zihlobe ngemisiko yesintu ngokuhlukana kwazo ngenhloso yokucobelelana ngolwazi.
IMeya kaMasipala iKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli, ibiyingxenye yalo mcimbi ngokubambisana nezinye izimeya okubalwa uNkk Queen Xulu waseMlalazi noMnuz Xolani Bhengu waseMfolozi. Ngaphandle kwabo nomholi we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango ubekhona kulo mcimbi.
UNtuli ugqugquzele ebebethamele umcimbi ukuba babumbane, bagabe ngenhlonipho nothando ngaphandle kokubheka ubuhlanga.
" Ukubambisana kwenza umphakathi uhlalisane ngokuzwana futhi kunciphe nezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. IKing Cetshwayo inayo imicimbi efunze lona njengePrincess Magogo Choral Music Festival neKing Cetshwayo Memorial Lecture, okuhloswe ngayo ukuqhakambisa isiko nomlando ezizukulwaneni. Ukubambisana kwezinhlanga kungaba yikhambi lokunciphisa ubugebengu nokucwasana emphakathini. ," kusho uNtuli.
USihlalo weSivananda World Peace Foundation, uMunz Prince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu, uthe kuyabathokozisa ukubona izizwe zonke zihlangene zibumbene. Uchaze lokhu njengento ezofezekisa iphupho leSilo esesabuza, kanti noNdlunkulu Nompumelelo uMaChiza Zulu ubekhona kulo mcimbi. Izintombi bezivunule ziconsa ziviliyela zigqamisa imvunulo yazo.