Kubukeka sebekhumelene umlotha uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi noSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma.
Laba baholi abangabaphathiswa kwikhabhinethi laKwaZulu-Natal elisha babambe umhlangano okuthiwa uthathe amahora amabili.
Emva kwalo mhlangano obungeSonto, ebusuku, ihhovisi likaDuma lithe sekuvunguza umoya wobumbano kulaba baholi.
UButhelezi noDuma baba nesiwombe esibi ngasekuqaleni konyaka, uDuma ehlwitha kabuhlungu uButhelezi umbhobho esathi wethula iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinizulu kaCetshwayo.
Lesi sigameko senzeka KwaCeza, phambi kukaMengameli, uCyril Ramaphosa, iSilo uMisuzulu, nesizwe samaZulu.
Umcimbi wagcina udungeka njengoba kwagcina kugqenywa amalungu e-ANC angaphezu kweshumi.
Imihlangano yamakhosi yokuzama ukuxazulula lolu daba yafinyelela kwangqingetshe.
Manje kubukeka sengathi sebekwazile ukubuyisana.
Ezithombeni nakumavidiyo okuthathwe emva komhlangano, laba baholi babonakala bencokola, bexhawulana.
Okhulumela uDuma, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe sekuvunguza umoya woxolo kubona.
“Kuvunguza umoya wobumbano nokuphokophela ukusebenzisana.”
UButhelezi uphathiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kanti uDuma yena uphathiswe uMnyango wezokuThutha nezokuHlaliswa kwaBantu.
Ebuzwa ukuthi udaba laKwaCeza lukhulunyiwe yini emhlanganweni, uSibiya uthe “Akukho okungaxoxwanga, kusukela kokwango-1994 kuze kube okwamanje mayelana nokwakha isisekelo sokusebenzisana.”
UButhelezi wenqabile ukuphawula ngalolu daba, wathi intatheli ayinalo ilungelo lokumbuza ukuthi ubexoxani nozakwabo kwikhabhinethi yaKwaZulu-Natal.
Udaba lukaButhelezi noDuma lwacasula abantu abaningi, okubalwa kubo amabutho athi afuna ukuthi uDuma ahlawuliswe kanzima.
Unobhala wezinduna zamabutho kwisifunda iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, uthe kuyabajabulisa ukubuyisana kwala baholi kodwa wathi udaba alukapheli.
UNyandeni uthe basamile ekutheni uDuma kufanele eyoshweleza eSilweni.
“Njengabantu abazwana nokuthula, siyathokoza nxa abaholi sebehlalile phansi, babonisana. Kodwa ke ukuxoxa kwabo lapha ezingeni likahulumeni akusho ukuthi udaba seluphelile.
“Isihlalo satheleka ngehlazo ngaleliya langa, angeke sikubalekele lokho. Ingakho kufanele abuye azoshweleza eSilweni, nasemakhosini. Udaba kufanele luzophelela phambi kweSilo.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukasihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Shinga, ayizange iphumelele.
Bekungekhona okokuqala uButhelezi ebonakala encokola noDuma.
Ngeledlule, laba baholi babonakala bexoxa ngesikhathi kumenyezelwa ikhabhinethi yaKwaZulu-Natal.
UButhelezi noDuma kulindeleke ukuthi babe khona uma uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, eyokwethula ikhabhinethi lakhe eSilweni.
UNtuli uzokwethula ikhabhinethi eSilweni, oNdini, namhlanje.