KUDLE u- R252 million ukwakhiwa kwesikole esiwubukhazikhazi esiqanjwe ngomunye wababesekhaleni kuliwa nobandlululo, uMnuz Anton Lembede.
Lesi sikole esibizwa nge- Anton Lembede Mathematics, Sciences and Technology Academy , sivulwe ngokusemthethweni wuNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala izolo, kanti kuthiwa siqale ukwakhiwa eminyakeni emihlanu edlule kusaphethe uMnuz Senzo Mchunu njengondunankulu wesifundazwe.
Ekhuluma kuvulwa isikole, uZikalala uthe siyinhlansi yethemba kubantu bakulesi sifundazwe nezingane njengoba izwe libhekene nesikhathi esinzima sobhubhane i-Covid 19, egasele kwalahleka imisebenzi eminingi kwanda nobubha.
“Unyaka wokufunda kulo nyaka uqale ngethemba esidinga ukubambelela kulo kungakhathalekile ukuthi zingakanani izinselelo nobuhlungu esidlule kubo njengezwe . Akukho ukungabaza ukuthi imfundo iyisikhali esibalulekile empilweni kungekhona kuphela ekuthuthukiseni izwe, kodwa nasekuzithuthukiseni komuntu uqobo,” kusho uZikalala.
Sinamagumbi okufundela angu- 20 kanti samukela abafundi abangu- 600. UZikalala uthe uthole umbiko oveza ukuthi lesi sikole sesamukele abafundi abangu- 150 kulo nyaka. Uveze ukuthi umfundi ngamuye ukhokha imali yesikole engu- R41 000 ngonyaka wathi uMnyango wezeMfundo unalo uhlelo lwemifundaze kubafundi abadingayo.
Uthe imali yesikole ihlanganisa izincwadi, indawo yokuhlala, umfaniswano, ezokuphepha, ugesi namanzi. Phakathi kwezifundo ezizokwenziwa kulesi sikole kukhona i- Computer Applications, ezobuchwepheshe, Life Skills, izifundo zobuholi, Vitual Arts, Innovations nezifundo zobuchwepheshe besimanje bokusebenza kwama-robhothi.
Umcimbi wokuvulwa kwaso ubuhanjelwe uMchunu owayenguNdunankulu osewuNgqongqoshe wezokuPhathwa kweMisebenzi kaHulumeni, amalungu omndeni wakwaLembede noNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu.