KUGQUGQUZELWE abasebenzi bophiko lwezibonelelo zikahulumeni, i-South African Social Security Agency (Sassa) ukuthi bavezele ulwazi amalungu omphakathi asuke ehambele amahhovisi alolu phiko, ukuze afundiseke ngezindlela zokusebenza kwalo nendlela yokuziphatha.
Emcimbini wokuvulwa ngokusemthethweni kwamahhovisi alolu phiko eBridge City KwaMashu ngoLwesihlanu, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Lindiwe Zulu uthe umphakathi kumele uqonde ngokusebenza kwabasebenzi, uphinde ufundiswe nangendlela yokuhleleka ukugwema izinkinga empilweni.
“Uma abantu besemahhovisi belindile, akube nento ebafundisayo ukuthi yikuphi okulindeleke kubona. Amalungu omphakathi achitha isikhathi esevile emizuzwini engu-30 elindile, ngaleso sikhathi kuningi angabe asekufundile okuwumphako wendlela.
“Umyalezo ogqugquzela amantombazane asemancane ukuthi azivikele ekutholeni izingane eminyakeni yawo.
“Olunye lolwazi olungagcizelelwa kwabasuke behambele amahhovisi, ngolokugwema ukwanda kwabathola izingane besebancane, okwenza umsebenzi wakwa-Sassa ube nzima,” usho kanje.
Uthe awafundiswe nangokubaluleka kokugxila kakhulu ezikoleni, waveza ukuthi amahhovisi alolu phiko, ayinkundla evakashelwa ngabantu abaningi nsuku zonke ngakho kumele abasebenzi basebenzise lelo thuba ukudlulisa ulwazi olubalulekile.
Ukulungiswa kwamahhovisi akule nxanxathela yezitolo, kulandela ukucekeleka kwawo phansi ngesikhathi engqongqa kunezibhelu ngo-2021.
Lesi sigameko saphoqa ukuthi athuthelwe ehholo lomphakathi Kwa-L khona KwaMashu okwesikhashana ngo-2022.
Ukulungiswa kwawo bekuqhubeka kanti aqale ukusebenza ngoSepthemba ngonyaka odlule.
UNksz Thamo Mzobe oyi-Regional Executive Manager unxuse abasebenzi ukuthi bathembeke emsebenzini wabo ukuze kungagcini sekugxekwa uhulumeni ngenxa yokuziphatha kwabo.
Uhambo lukaNgqongoshe, uNkk Zulu eThekwini luqale ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi evakashele esikoleni i-Cwebezela Primary eMlaza lapho enikele khona ngemifaniswano.
NgoLwesine udlulele emahhovisi alolu phiko eMnini ukuzohlola ukusebenza kwawo ngaphambi kokudlulela eBridge City ngoLwesihlanu.