KUVUKE upelepele ogqokweni ngesikhathi kudlalwa ividiyo kaZandie Khumalo enkantolo lapho enengxoxo khona nentatheli ekhuluma ngaleli cala.
Ummeli ucele ukudlala le vidiyo ngoba kukhona ukushayisana enkulumweni yalo fakazi ngalokhu ayekusho entathelini nasekusho enkantolo.
Evidiyweni uzwakale etshela intatheli ukuthi unina kaSenzo watshela abezindaba ukuthi wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umshado noma amalobolo kaSenzo noKelly Khumalo akuqhubeki.
“Uthi wahamba wayothola isichitho. Wubani owaziyo ukuthi wahamba ibanga elingakanani ngalokho?
“UMandisa yena akaphenywa ngani?’ kubuze uZandie enkantolo ethi kungani engathathelwanga yena iselula yakhe aphenywe ngendlela efanayo neyenzeka kubo.
“Ngifuna ukukucacisa nokuthi uKelly ubengeke ambulalele ekhaya uSenzo. Yini ebingamenza acabange ukubeka impilo yakhe engcupheni.
UKelly wuyena muntu obezazi zonke izinhlelo zikaSenzo noma ngabe ebekuphi uyazi. Ngaleyo ndlela ubezokwazi ukugadla noma yinini ngale kokubeka nezingane zakhe engcupheni,” kusho uZandi kwividiyo ebidlala enkantolo ibonisa ingxoxo aba nayo nabezindaba.
Kuyona ividiyo kucashwinwe isiqephu lapho uZandi etshela intatheli ukuthi “babegqoke izifonyo, ngaleyo ndlela akakwazanga ukubabona.”
Ummeli ubuze ukuthi ngobani labo ababegqoke izifonyo.
UZandi uphendule ngokuthi ngabasolwa. Lokhu kubonakale kushayisana nobufakazi bakhe baphambilini lapho ekhombe umsolwa enkantolo.
Ube esechaza ukuthi babegqoke izifonyo ngesikhathi ebabona bevela okokuqala enkantolo yingakho athi akakwazanga ukubabona lapho.
Le vidiyo yasusa okukhulu ukukhuluma ngesikhathi eqala ukwethula ubufakazi bakhe ngoba kwakunezimpawu zokushayisana kwenkululo.
Okugqamile enkantolo namuhla wukuthi ummeli uzame ukuveza isitatimende esabhalwa ngumdlali webhola uThamsanqa Gabuza kodwa umshushisi woMbuso, uGeorge Baloyi wafaka isicelo sesivimbelo salowo mbuzo ngoba ethi yinzwabethi.
Ngempela uhoxisiwe umbuzo kodwa usuvusa eminye imibuzo ngenkulumo kaGabuza.
Landela Isolezwe ezinkundleni zokuxhumana, ulandele lolu daba nsuku zonke. Umbiko ophelele utholakala ephepheni.