UMNDENI wowesifazane otholakale eseshonile endlini abekuyo nesoka lakhe, ukhala ngobuhlungu ngaphezu kobunye obuzwiswa ngowesilisa osolwa ngokufa kwakhe, osebenzisa iselula kamufi osekutholakale ukuthi ikuyena.
Udadewabo omncane kamufi uNksz Mandisa Ngcongo (31), uNksz Akhona Dlomo, uthi isenzo somsolwa esiligodlile igama lakhe ngoba engakaboshwa, sokusebenzisa iselula kadadewabo, siwupelepele esilondeni sobuhlungu ababuzwa ngokubulawa kwakhe ngesihluku esinje.
Echazela Isolezwe ngokufa kukaNksz Ngcongo, uNksz Dlomo waseMariannhill, uthe bebehlala bobabili nodadewabo emjondolo onamagumbi ayisithupha eBluff, benzela ukuba seduzane nalapho besebenzela khona.
“Umsolwa waseMlaza (emgagula ngegama) ubevamile ukuvakashela udadewethu emjolondolo, kwesinye isikhathi ahlale izinsukwana futhi singenankinga nalokho.
“NangeSonto okuwusuku abulawa ngalo, ubevele enathi izinsukwana ngoba esamile kancane lapho asebenzela khona, kulandela ukulimala esandleni esemsebenzini,” kuchaza uNksz Dlomo.
Eqhuba, uthe emini ngeSonto umufi obewumashonisa nesoka lakhe babephuza cishe usuku lonke, yena wakhetha ukuyophuzela kwamakhelwane, egwema ukuba ukubaphazmisa uma sebenza izinto zabathandanayo sebengenwe ngamponjwana.
“Kuthe ngibuya endlini ngabo-11 ebusuku, ngabona isoka likadadewethu liphuma ngefastela lelinye lamakamelo omjondolo wethu, liphethe ubhakha noplastiki engingabonanga ukuthi ubunani phakathi ngoba bekumnyama.
“Ngabe sengiphuthuma endlini ukuyozwa kudadewethu wethu ukuthi kungani isoka lakhe liphuma ngefastela ebusuku, ngafika umnyango ukhiywe ngaphakathi - nami ngagcina ngingena ngalo ifastela.
“Kuthe sengingaphakathi, ngazithela kudadewethu elele embhedeni, izinyawo zilenga phansi. Wayevuza igazi emlonyweni - kubonakala ukuthi uklinywe ngentambo ye-gown yokulala emqaleni, kwamenela khona lapho,” kulandisa uNksz Dlomo.
Uthi yilapho asho khona ngengila, kwafika omakhelwane, kwathintwa namaphoyisa ukuzombukisa lo mhlola.
“Sathi uma sesicinga sathola ukuthi uhambe namakhadi kasisi asebhange, yimali abeshonisa ngayo namaselula akhe amabili - asaqhubeka nokuwasebenzisa namanje.
“Kuyasidida ukuthi kungani eqhubeka nokusebenzisa amaselula kadadewethu, njengoba eyibamba uma sifona futhi uyayiphendula nemiyalezo esiyithumelahunyela nge-WhatsApp. Kubuhlungu kakhulu okwenzekile,” kuchaza uNksz Dlomo.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseBrighton Beach, eBluff, aphenya icala lokubulala ngalesi sigameko esenzeke ngeSonto.
“Kusolakala ukuthi umgilwa wakinywa yindoda eyaziwayo endaweni emva kwengxabano. Bekungakaboshwa muntu okwamanje,” kusho uConstable Ngcobo.