LIHLEHLISELWE uLwesibili icala elibhekene nephoyisa nabanye elisolwa nabo ngokubamba inkunzi, bathumbe elinye iphoyisa emzini walo. Leli phoyisa litholakale selishonile.
U-Warrant Officer Nkosinathi Ntinga (49) wasoPhatheni obesebenzela esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi, kuthiwa wayehlezi nonkosikazi wakhe oyiphoyisa uSergeant Ntombizodwa Ntinga (44). Bobabili bebesebenza esiteshini esifanayo.
Babehlezi nesivakashi esingumabhalane esiteshini samaphoyisa eNtambanana ngesikhathi kugulukudela amadoda amabili ayehlome ngezibhamu. Izibhamu zala maphoyisa zathathwa ngaphambi kokuthi amadoda aphoqe uNtinga nesivakashi ukuthi bangene emotweni yesivakashi, bashaya bachitha nabo.
Isivakashi satholwa eduze komgwaqo silimele saphuthunyiswa esibhedlela, kwathi isidumbu sikaNtinga satholwa osebeni lomfula sinamanxeba amaningi okudutshulwa.
Amaphoyisa aphenya ngobugebengu obuhleliwe eRichards Bay asebenza ngokubambisana neTask Team yaseKing Cetshwayo nokuholele ekutheni kuboshwe unkosikazi noMnuz Samkelo Mpanza (33).
Okhulumela oKlebe uLieutenant Simphiwe Mhlongo, uthe kuvulwe icala lokubulala, ukuphanga kuhlonyiwe, ukuzama ukubulala nokuthumba. "Amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla selokhu kwehle lesi sigameko akwazi ukubopha abasolwa ababili ngoLwesine. Esinye sezibhamu esithathwe ngesikhathi sesigameko sitholakele. Bavelile abasolwa enkantolo kaMantshi KwaMbonambi icala lahlehliselwa u-Agasti 8," kusho uMhlongo.
INhloko yoKlebe uMajor General uDkt Lesetja Senona uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokwenza umsebenzi oncomekayo wokubopha abasolwa lungakapheli usuku kwenzeke lesi sigameko.