BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseDundee, abasolwa abayisishiyagalolunye okukholakala ukuthi bayathinteka ezigamekweni eziningi zokubanjwa kwenkunzi eGlencoe naseDundee.
Laba basolwa baboshwa nje, kusolwa ukuthi bangene esitolo esidayiswa utshwala ngoMsombuluko esikhona eGlencore, behlome ngezibhamu bazitapela inqwaba yotshwala, imali nomsakazo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe emva kwalesi sigameko, ithimba lamaphoyisa elihlanganisa Umzinyathi Crime Intelligence, Glencoe K9 nophiko lweBorder Intelligence lilandele umkhondo oholelele ekuboshweni kwabasolwa, ababoshwe besendaweni yaseSithembile khona eDundee.
“Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili ezicishiwe izinamba. Ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka epequlula endlini nasemotweni ebisegcekeni, azithele kubo utshwala okusolwa ukuthi bebiwe nomfanekiso wamaphoyisa,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa kukholakala ukuthi yisigejana sabantu abahlukumeza umphakathi eGlencoe naseDundee, kungenzeka ukuthi bayathinteka enqwabeni yamacala okubanjwa inkunzi enzekayo kulezi zindawo.