ISICHITHILE isicelo sikaAdvocate Malesela Teffo sokuthi kube khona ukuqulwa kwelinye icala, kube kusaqulwa elinye, ukuze kubhekwe kabanzi ukusatshiswa athi kwenziwa ukuze abamele bavume icala lokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Njengoba icala liqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli, uTeffo ufake isicelo sokuba kumiswe ukuhlonywa ngemibuzo kukafakazi woMbuso wokuqala, uSergeant Thabo Mosia, ngu-Adv Zandile Mshololo.
UTeffo uphakamise ukuthi umsolwa wokuqala nowesibili, bazithola besengcindezini yokuthi bavume icala abangalazi. Uthe abasolwa bahlukunyezwa ngamaphoyisa nokwaholela ekutheni bavume ukuthi bayathinteka ecaleni emva kokuboshwa kwabo.
UTeffo utshele inkantolo ukuthi ngalokhu amalungelo abasolwa akuMthethosisekelo, anyathelwa.
Uqhube waveza ukuthi kuningi okushaya amanzi ngaleli cala, phakathi kwakho uthe icala linamadokodo amabili.
“Idokodo okuyilo esisebenza ngalo njengamanje, liqukethe izitatimende ezithi kwagasela abasolwa ababili endlini, kodwa thina lana phambi kwenkantolo sinabasolwa abahlanu,” kusho uTeffo.
Uphinde wathi: “Kuleli elinye idokodo, linabanye abasolwa, abahlukile kunalaba abaphambi kwenkantolo njengamanje. UMbuso unofakazi abangu-130 kuleli cala, engingakholwa ukuthi bonke ngabangempela.”
Emva kokulalela izethulo zikaTeffo, iJaji uTshifhiwa Maumela, lisichithile isicelo sikaTeffo.UMaumela uthe:
“Inkantolo iyasichitha isicelo ngoba izethulo ezilethwa ngaphambi kwayo azinasisekelo. Ubufakazi obunikezelwa nguMosia, abuhlangani nokuvuma kwabasolwa ukuthinteka ecaleni ngenxa yokuhlukunyezwa ngamaphoyisa.”
UMaumela uthe ngalokho, inkantolo icela ukuxolisa ku-Adv Mshololo ukuthi uphazanyisiwe ngesikhathi esematasa, epheka uMosia ngemibuzo.
U-Adv Mshololo uqhubekile nokukhomba izimbobo ngendlela uMosia aziphatha ngayo ngesikhathi esendaweni yesigameko.
Kufike lapho embuza khona ngeziqu zakhe zokuba ungoti kwezikucutshungulwa kwendawo yesigameko, nathe ucela ukuthi abuphathe namuhla ubufakazi beziqu zakhe.
UMosia utshele inkantolo ukuthi umsebenzi wesiphoyisa wawuqala ngo-2006, kanti ngesikhathi eyoqoqa ubufakazi endaweni yesigameko, wayeseneminyaka eyisishiyagalombili esebenza.
Uthe ngaleso sikhathi wayeneziqu azithola emva kokuthi enze uqeqesho lwangaphakathi emaphoyiseni oluhambelana nokuba ungoti oqoqa ubufakazi endaweni yesigameko.
U-Adv Mshololo uphinde wacaphuma esitatimendeni esathathwa komunye wofakazi endaweni yesigameko esifakazele ukuthi ngesikhathi uMosia efika endaweni yesigameko, kungenzeka ukuthi ubufazi bangempela base buphazanyisiwe.
U-Adv Mshololo ukusho lokhu ngenxa yokuthi esitatimendeni somunye wofakazi, kuvela ukuthi uMosia nabanye ababili bafica owesifazane eqoqa amabhodlela otshwala ayesendaweni yesigameko, nokwathi uma ebuzwa ukuthi ukwenzelani lokho, wathi wenzela ukuthi amaphoyisa angaboni ukuthi ebebengaphakathi endlini bebephuza.
“Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi asazi ukuthi yini enye eyasuswa, nokuthi yini enye eyabekwa endaweni yesigameko,” kusho u-Adv Mshololo.
UMosia uphendule ngokuthi uyezwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.