KUKHONA nabesifazane, kwabasolwa kwelokubulawa ngesihluku kwendodakazi nonina kubuka amalungu omndeni, besolwa ngokuthakatha, esigamekweni esinyantisa umzimba esenzeke eNkombele eMatimatolo ngaphansi kukaMasipala waseMvoti, ngesonto eledlule.
UNksz Nkosi Msimango (28) kuthiwa uqale ngokukhungwa esihlahleni sikakwatapheya esisegcekeni ngocingo lokubiya olunameva, kwabaswa amathayi ngaphansi kwezinyawo kubuka izingane zakhe, eneminyaka emihlanu neneyisishiyagalombili, okuthe uma esethule isidumbu sakhe sathathwa saphonswa endlini yakubo ebisigqamuka amalangabi, ingqongqa nesidumbu sikanina uNkk Fikile Msimango (65), yena okuthiwa abasolwa baqale ngokumklabha ngezimbazo nangocelemba abebebaphethe.
Owasinda ngokulambisa kulesi sigameko, elandisa Isolezwe ngokwenzeka ngalolu suku, uthe namanje sisadlala emqondweni wakhe isithombe sikaninomncane noninakhulu bekhala bezincengela kumalungu omphakathi angomakhelwane okwakugqame kuwona kakhulu abesifazane, okuthiwa babekikiza begqashiya, bethi akabulawe umthakathi abanye begenca bephindelela kuninakhulu.
Uthe kwababephambili, bekukhona nesihlobo esisondele salo mndeni naso silekelela ababulali.
“Indaba iqale ngabafana ababili (ebagagula ngamagama) abangene egcekeni bashaya izinja bazijaha kwaze kwaba ugogo uyaphuma uyababuza ukuthi kungani bezojaha izinja ekhaya ekubeni ayikho indlela enqamula egcekeni.
“Baphendukele kuye ugogo, bamkhaca ngenhlamba, bambiza ngomthakathi, bajikijela indlu yasekhaya ngamatshe, kwabulawa amawindi.
“Umamncane uphumile waphendulana nabo kwathukwana, basuka bahamba. Kuphele isikhashana babuya sebebaningi bephethe ocelemba kanti iningi labebekulelo qembu bekungabantu besifazane abebethuka bethi asibulawe,” usho kanje.
Uthe umndeni uzivalele endlini kodwa lawo malungu omphakathi agenca isicabha angena ngendluzula endlini.
“Ngibona ukuthi liyasishonela ngicele u..(emgagula) obengomunye wabahamba phambili ukuthi asizwele okungenani avumele ukuthi kukhishwe izingane okuyimphefumulo enegenacala, waqala wenqaba ethi asivume ukuthi ugogo uyathakatha, okuyinto esingayazi ngoba nabo abazange bathole lutho okufakazela lezi zinsolo.
“Emva kwesikhashana uvumile ukuthi izingane ezine okukhona kuyo nenonyaka zikhishwe endlini, kwayilapho nami ngithole intuba yokuphuma,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi sebeme buqamama nekhaya bebuka konke obekwenzeka, ababephethe izikhali bangene endlini bagenca uninakhulu, baphuma nomamncane wakhe abamvundulule kwelinye igumbi abecashe kulo, baqonda naye esihlahleni sikakwatapheya esisegcekeni bamlengisa kuso, babasa amathayi ngaphansi kwakhe.
Uthe emva kwalokho bathumele ukuthi kulandwe uphethroli bachela ngawo endlini lapho bese kudindilize isidumbu sikaNkk Msimango, bokhela ngomlilo ngaphambi kokuthi bethule esihlahleni esiNksz Msimango basiphonsa elangabini.
Uveze ukuthi kwenzeka lokhu-nje yena nezingane zakwabo bebemile buqamama bebuka kanti abasolwa balinde umlilo waze wabohla ukuqinisekisa ukuthi izidumbu zabagilwa ziyangqongqa.
Induna yakule ndawo uMnuz Thembinkosi Cele, uqinisekise ukuthi phambilini bekukhona ukuhlala ngokuxakazisana komakhelwane nalo mndeni, ubeseke wahlalisa amacala ngenhloso yokuxazulula kodwa ubengakaze acabange ukuthi kuzofika ekwenzekeni kwesihluku esinyantisa kanje.
Uveze ukuthi abenze lokhu abadingeki endaweni, wathi lokhu kuzobhungwa ngakho emhlanganweni obiziwe womphakathi.
Ikhansela le ndawo uMnuz Zwakushiwo Zondi, lithe batshelwe ukuthi kuboshwe ababili besifazane nababili besilisa ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uqinisekise ukuthi kuboshwe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-23 no 46 abebevele eNkantolo yeMantshi yaseGreytown ngoLwesihlanu.