UMASIPALA waseMhlathuze uqinisekise imibiko yokudutshulwa kwabasebenzi ababili emmahovisi aseRichards Bay. Asavaliwe amahhovisi alo masipala.
Ngokombiko othunyelwe abezindaba ngoLwesine ekuseni, kuthiwa lesi sehlakalo senzeke ekuseni namhlanje kanti ukufa kwalaba basebenzi okubukwa ukuthi ngonogada babanye babaholi balo masipala kuqinisekiswe amaphoyisa khona kule ndawo.
Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa unogada obengekho emsebenzini ufike wavulela ngenhlamvu kuzakwabo, washona, kwathi omunye unogada waphindisela ngenhlamvu kumsolwa, naye wasala enkundleni.
Amaphoyisa athi uphenyo luyaqhunbeka.
Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango udlulise amazwi enduduzo emindenini yalabo abashonile, wasigxeka isenzo sokuhlaselana kwabasebenzi phakathi emagcekeni kamasipala.