UMNYANGO wezeMfundo eGauteng usuyalele izikole ukuba zikumise ukudayiselwa kwabafundi ukudla ezikoleni nasezindaweni ezizizungezile.
Umnyango uthi lesi sinqumo usithathe emuva kokwanda ngendlela exakile kwezigameko ezibikiwe zokugula kwabafundi abadle abasuke bekudayiselwe.
Esitatimendeni osithumele abezindaba, lo mnyango oholwa uMnuz Matome Chiloane, uveze ukukhathazeka onakho ukuthi lezi zigameko sezikhiphe izidumbu, abanye bavuka ezibhedlela.
“Siqhamuke nohlelo olusheshayo oluzoqinisekisa abafundi ukuthi baphephile kuqinisekiswe nezempilo ezikoleni. Izikole nomkhandlu wabazali olawula isikole bayalelwe ukuba baqaphe futhi balawule abadayisa ukudla, izitolo nezinye izindawo ezidayisela abafundi ukudla,” kuchaza umnyango.
Izikole zinikwe umyalelo wokuthi zivumele kudayiselwe abafundi ukudla okunempilo kuphela futhi okungaphelelwe yisikhathi kwafakwa emaphaketheni amasha.
Kunxenxwa bonke abadayisa ukudla ukuthi balandele uMgomo 638, wangoJuni 22, 2018, wezokuphepha futhi ocacisa ngokudla okwamukelekile ezikoleni.
Kuyalelwe abadayisa ukudla ezikoleni ukuba babe nesitifiketi esiyimvume esitholakala eMnyangweni wezeMpilo esibagunyaza ukuthi bahwebe ngokudla.
UChiloane ukhuthaze ukuthi ilandelwe le migomo, wagqugquzela abazali benzele abafundi ukudla abazokudla esikoleni kunothi babanikeze imali yokuthenga.
“Kumele bakwenze lokhu kuze kube isichitshiyelwe imigomo elawula abadayiswa kokudla ezikoleni,” kusho umphathiswa.
Ukhuthaze kube imihlangano phakathi kwezikole nabamahlelo ehlukene emphakathini ukuze kugwenywe izehlo zokufa nokuphuthunyiswa kwabafundi ezibhedlela.
Kushone abafundi abangu-12 eGauteng esikhathini esiyinyanga abadle ukudla okusolakala ukuthi bekunobuthi.