KUPHAZAMISEKE ukusebenza esiteshini samaphoyisa eHibberdene, eMthwalume izolo, sivalwa okwesikhashana ngenxa yezinsolo ngamalungu omphakathi okuthiwa abehlela ukuhlasela kuso efuna sivalwe, ekhala ngokungasebenzi kwamaphoyisa ngendlela egculisayo.
Yize kuthiwa ukusebenza kulesi siteshi kubuye kwaqhubeka ngendlela ejwayelekile ngokuhamba kosuku, kodwa kuqale kwaba nesidididi ekuseni kungekho lungu lomphakathi elivumeleke ukungena ngaphakathi. Lokhu ngenxa yokuthi bekusatshwa ukuthi sizohlaselwa emva kwezinsolo, njengoba kuthiwa umphakathi aweneme ngamaphoyisa asebenzela kusona.
Ngesonto eledlule amalungu omphakathi abhikishe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMthwalume efuna kukhululwe amalungu esigungu esilwa nobugebengu aboshwe kulandela ukubulawa kowesifazane nesoka lakhe emasontweni amabili adlule okuthiwa bashaywa kanzima ngamalungu omphakathi besolwa ngokubulala ngesihluku udadewabo wowesifazane emva kwengxabano, esigamekweni esenzeka eNyangwini, khona eMthwalume.
Amalungu alesi sigungu abuye adedelwa emva kokuthi kuthiwa ubufakazi abuhlangani, kanti umphakathi usola amaphoyisa ngokungawenzi umsebenzi wawo okuze kugcine sekuholela ekutheni uzibambele umthetho.
Elinye ilungu elikhulume neSolezwe elingathandanga ukudalulwa, lithe ziningi izigameko zokubulawa kwabantu ezenzekayo nobunye ubugebengu kodwa kugcine kungaboshwa muntu.
“Siyafisa ukuthi uNgqongqoshe uMnuz Bheki Cele asishintshele amaphoyisa asebenza kulesi siteshi noma sivalwe ngoba awukho umsebenzi waso. Zonke izigameko zokubulawa kwabantu ezenzekile akuboshwa muntu. Kwesinye isikhathi amaphoyisa ayabizwa angafiki endaweni yesigameko noma afike emva kwesikhathi sekuze kwaba nomonakalo,” lisho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Benard Tiryon, likuqinisekisile ukuthi ikhona imibiko eliyitholile ngokuvalwa kwesiteshi samaphoyisa.
“Sithole ukuthi ukusebenza kubuye kwaqhubeka ngokujwayelekile. Kuthiwa bekunezinsolo zokuthi umphakathi uzohlasela uyovala isiteshi, esingazi ukuthi bazithole kuphi. Singakuqinisekisa ukuthi umphakathi aweneme ngendlela okusetshenzwa ngayo, kwesinye isikhathi uma ufona utshelwa ukuthi iveni yinye isaphumule ekubeni usizo ludingeka,” kusho uTiryon.
Ngesonto eledlule i-ActionSA ibhikishe yalibangisa emahhovisi kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uCele, yadlulisa uhlu lwezikhalo mayelana nokungasebenzi ngendlela kwezinye iziteshi zamaphoyisa kuleli, ikhala nangokushoda kwezinsiza. Inikeze uCele umnqamulajuqu wezinyanga ezintathu ukuthi aqinisekise ukuthi uqhamuka nesisombululo kule ngwadla okubhekenwe nayo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulile imibuzo athunyelelwe yona mayelana nokuphazamiseka kokusebenza kulesi siteshi.