I-DA KwaZulu-Natal ithi, ayisafune kupholisa maseko ngokuvala isikhala sikasotswebhu wayo esiShayamthetho sesifundazwe, esivuleke ngokushiya kukaMnuz Zwakele Mncwango.
Ukwesula kukaMncwango kwi-DA, kumangaze abaningi, ekhala ngokuthi kukhona angeneme ngakho eqenjini wagcina esejikijelana nalo ngamazwi esidlangaleni.
Isikhala sikasotswebhu sithathwa njengesibalulekile ngoba uyena osuke eluse ukusebenza kwamalungu eqembu esiShayamthetho. Uyena osuke ebambe iqhaza kwikhokhasi yeqembu nangendlela eliziphatha ngayo.
Kuthiwa UMncwango angase amenyezelwe njengosihlalo we-Action SA KwaZulu-Natal kusasa esithangamini nabezindaba okuthiwa sizobe sihanjelwe wuMnuz Herman Mashaba. Kuthiwa konke sekumi ngomumo imshele waze wavuma i-Action SA uMncwango. Usevele ushaya amancoko noMashaba kwiTwitter ngalo lolu daba lokujoyina kwakhe.
Isolezwe ngeSonto lihabule ukuthi i-DA imatasa nohlelo lokuvala isikhala sikaMncwango futhi ingase imemezele kuleli sonto eliqala kusasa. Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Francois Rodgers, uthe baphezu kwalo uhlelo lokuvala isikhala sikaMncwango.
“ Luqalile impela uhlelo lokuvala isikhala kufanele siluphothule uma kuqala isonto leli elizayo,’’ kusho uRodgers. I-DA kade isezindabeni isolwa ngokuyenga ikhansela le-Action SA uMnuz Shady Singh oke wabonakala esithombeni nabaholi be-DA. Ukwesula kukaMncwango kuthathwe njengokuqhubeka nokufuduka kwabaholi abamnyama eqenjini.
I-Action SA njengoba iyamaniswa noMncwango ivele isele dengwane ayinaye umholi KwaZulu-Natal emuva kokuhlukana noDkt Makhosi Khoza eyamxosha ngasekuqaleni konyaka. UMncwango odabuka KwaMandlakazi, KwaNongoma ushiya i-DA emuva kohambo olude nayo eyihola kuMasipala weTheku nasesifundazweni amahlandla amabili wase ezicelela ukuhoxa embangweni wezikhundla.