Uchazwe njengomuntu obehlale emamatheka uZoleka Mandela enkonzweni yesikhumbuzo sakhe ebikubo eSoweto, eGoli izolo ntambama.
UZoleka (43) ushone ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokungeniswa esibhedlela exinekile.
“Ungeniswe esibhedlela eyoqhubeka nokwelashelwa umdlavuza. Lesi sifo ebese simhlasele esibindini, emaphashini, esihlakaleni, ebuchosheni nakwamanye amalungu omzimba. Ukuhlolwa akade esanda kukwenza kuveze ukuthi unezimila emaphashini. Udlule emhlabeni enamalungu omndeni wakhe nabangani bakhe,” kuchaza isitatimende somndeni.
Izolo bekunenkonzo yesikhumbuzo sakhe emzini wakwaMandela eSoweto. Inkonzo yomngcwabo kulindeleke ukuthi ibe namhlanje eBryanston Methodist Church lapho abezindaba bengavumelekile khona.
Izikhulumi ezikhulume ngaye enkonzweni yakhe zithe uNkulunkulu wamnika ukumamatheka okwenza nabanye beze bekhohlwe yizinkinga abanazo. Bathe bekunzima ukukholwa ngukuthi uchithe isikhathi eside ebhuqwabhuqwa umdlavuza ngoba ubehlezi emamatheka noma esezinhlungwini, kodwa ubechaza ngobuhlungu akubo nezindaba zakamuva azitholile ngesifo emamatheka.
Phakathi kwabebethamele inkonzo yesikhumbuzo kubalwa oke waba ngungqongqoshe weminyango ehlukene kuzwelonke uLindiwe Sisulu, umfelokazi wesishoshovu somzabalazo uChris Hani, uLimpho Hani, izihlobo zakhe iNkosi Mandla Mandela, Ndaba Mandela nabanye.
UZoleka ozalwa yindodakazi kaMadiba engasekho uZinzi Mandela, uthinte abaningi eminyakeni edlule kuze kube uyadlula emhlabeni ngezinkulumo zakhe ezakhayo zokulwa nesifo somdlavuza.
Akagcinanga ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana nokukhuluma emisakazweni, kodwa ubengumbhali wezincwadi okubalwa nethi When Hope Whispers, ebithengwa ubuthaphuthaphu, ekhuluma ngokucwila ezidakamizweni, umdlavuza nobuhlungu bokushonelwa yindodakazi uZenani.
Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezine.