UBEQIKELELA ekwenzeni umsebenzi wakhe ngendlela, engagxambukeli ezinqumeni ezithathwa endlunkulu, undunankulu emkhandlwini wasoSuthu, okuthiwa usocongwe engena emzini wakhe eBhethani, KwaNongoma, ngesikhathi ephuma eMkhosini woMhlanga ngoMgqibelo ebusuku.
UDkt Dumisani Blassus Khumalo (76) kuthiwa ushonele endaweni yesigameko emva kokuthi edutshulwe ngentululwane yezinhlamvu okukholakala ukuthi kwenzeke ngesikhathi elungiselela ukwehla emotweni yakhe, avule isango elingena emzini wakhe.
UMnuz Yekayena Mhlongo oyinduna yaseThokazi, KwaKhamisile, ngaphansi komkhandlu obubhekwe nguKhumalo, uthe ubesondelene kakhulu noKhumalo kangangoba bekuvamisile ukuthi uma ezoba nohambo amnxuse ukuthi bahambisane. Umchaze njengomuntu obeqikilela ukwenza izinto ngendlela efanele, futhi esebenzisana kahle nabo bonke abantwana baseNdlunkulu kaZulu.
“Ngelanga adutshulwe ngalo uKhumalo, ngimshayele ucingo ngamazisa ukuthi angizophumelela ukuya eMkhosini woMhlanga ngenxa yokungaphili njengoba ngihlusha yiqolo, wangeluleka ngokuthi angihlale. Ngabo-9 ebusuku, ngoMgqibelo, ngithole ucingo obelungazisa ngalo mshophi owehlele uKhumalo kwenye induna ewuzakwethu.
“Ngenxa yokuthi kunomuzi wakithi osondelene nakwaKhumalo, ngishaye ucingo ngathumela umfana ukuthi ayongibhekela, okuthe emva kwemizuzu cishe emithathu, wabuyisa impendulo ethi ubona sekugcwele amaphoyisa esangweni kwaKhumalo akusasondeleki,” kusho uMhlongo.
Uthe uvuke izolo ekuseni wanikela khona, akubonile imoto ebihamba uKhumalo imbobombobo. Uthe kuselukhuni ukusola imbangela yokubulawa kwalo mholi, waveza ukuthi kungenzeka kusahamba esihlaveni esibonakala sidla lubi esifundazweni sokusocongwa kwezinduna, isikhathi esiningi, okudalwa wumbango wezikhundla.
Imizamo yokuthola umndeni kaKhumalo ayiphumelelanga njengoba ucingo obekumele kuxhunywane nawo ngalo, beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ukugxekile ukubulawa kwalo mholi, wanxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziyavalelwa.
“Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo kwiSilo sikaZulu uMisuzulu kaZwelithini ngokulahlekelwa wumholi obethembekile. Imikhuleko yethu inomndeni wakwaKhumalo. Sengathi uSomandla engabaqinisa kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso,” usho kanje.
I-ANC KwaZulu-Natal ikhiphe isitatimende ichaza uKhumalo njengengcithabuchopho ebilawula ngobunono izindaba zasendlunkulu. Le nhlangano ithi yize kwenziwe konke ukuqinisa ezokuphepha esigodlweni eNyokeni ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga, kodwa izigebengu zihlele ukulalela unyendle uKhumalo ngesikhathi esengena emzini wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokubulala.