UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uncoma isipiliyoni kongqongqoshe abasha basesifundazweni abafungiswe izolo njengoba bekunesikhala emva kokwesula kobenguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sihle Zikalala.
Kunamahlebezi okuthi uZikalala angase anikezwe isikhundla ePhalamende.
Isikhala sikaZikalala sivalwe wuNkk Bongi Sithole-Moloi, obekade engungqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.
Obengusotswebhu omkhulu esiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz Super Zuma, ube eseqokwa njengongqongqoshe woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.
Ongqongqoshe abasha bafungiswe yiNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji uThoba Poyo-Dlwathi.
UNkk Dube-Ncube uthe uyabathemba labo ngqongqoshe ukuthi bazowenza kahle umsebenzi njengoba benesipiliyoni esiyifanele imisebenzi abanikezwe yona.
“Bobabili bazazi kahle izinkinga ezibhekene nabantu bakithi njengoba beyizishoshovu. Siyathemba ukuthi bazoqhubeka nokusebenzela imiphakathi yakithi ukuze kuhanjiswe intuthuko.”
UNkk Sithole-Moloi uke waba imeya, usomlomo, waphinde waba umholi wenhlangano yohulumeni basekhaya, iSA Local Government Association.
UNkk Dube-Ncube uthe lokhu kwenza ukuthi uNkk Sithole-Moloi awuqonde kahle umnyango ajutshwe kuwo.
“Uwazi kahle umkhakha wezohulumeni basekhaya.”UNkk Dube-Ncube uthe uZuma naye usebenze kakhulu nemiphakathi eyahlukene nokuzokwenza ukuthi awenze kahle umsebenzi emnyangweni ajutshwe kuwo.
“Siyamazi kakhulu, asingabazi ukuthi umsebenzi uzowenza ngendlela.”UZuma uke waba ngunobhala we-ANC KwaZulu-Natal. I-ANC KwaZuluNatal ikushayele ihlombe ukufungiswa kwalabongqongqoshe.Unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe babheke ukuthi uZuma eze noshintsho kwezolimo.
UMtolo uthe bafuna ukuthi abantu abamnyama bahlomule kwezolimo, wathi bayamethemba uZuma ukuthi uzokwazi ukukwenza lokhu.
UMtolo uthe bafuna ukuthi uNkk Sithole-Moloi aqinise ubudlelwano phakathi kukahulumeni wesifundazwe kanye neNdlunkulu kaZulu kanye nobuholi bomdabu.
“Sifuna ukuthi abaholi bethu balalele zonke izinkinga ezibhekene nabaholi bomdabu. Sifuna abaholi bethu basebenzisane nabaholi bomdabu ukuthola izisombululo kwizinkingaezikhona emiphakathini.”