UCHAZWE njengomuntu obenenhliziyo enhle u-Oupa “DJ Sumbody” Sefoka okushaqise abaningi ukuvela kwezindaba zokubulawa kwakhe eGauteng, entathakusa izolo.
UDJ Sumbody, ogqame ngezingoma eziningi okubalwa kuzo iMonate Mpolaye, Ashwi Nthwela nezinye, isitatimende somndeni sithe imininingwane ngokufa kwakhe ngeke idalulwe.
Amaphoyisa athe lo DJ udutshuliwe.
Isitatimende somnden, nenkampani ebiyengamele umculo wakhe iSomsounds Music Management, siveze ukuthi umndeni ucela ukunikwa isikhathi sokuzila, usazokhipha esinye isitatimende.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, esitatimendeni uthe bathungatha abasolwa futhi baphenya ngokuholele kulesi sigameko.
Uthe kudutshulwe kwafa ababili, oyedwa walimala kanzima eWoodmead.
Uthe amaphoyisa athole umbiko ngo-12.30 entathakusa nokuthe uma efika endaweni yesehlo athola ababili befile kwiVW Golf benamanxeba okudutshulwa. Owesithathu obehamba ngeBMW X5 uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokudutshulwa.
“Imbangela yokudubula ayaziwa okwamanje. Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe uMajor General Tommy Mthombeni ukhiphe zonke izinsiza ukuthungatha abasolwa,” kusho uMasondo.
Uthe onolwazi ngesigameko kucelwa ashayele u-08600 10111.
Ilungu leBig Nuz, esanda kupikwa engomeni kaSumbody ephume ngoSepthemba, uDanger litshele leli phephandaba ukuthi kubethusile ukushona kwakhe ngale ndlela.
“Sibonga ithuba lokusebenza naye sengathi umfowethu angalala ngoxolo. Bekungumuntu olungile engancintisani namuntu, ubezenzela umsebenzi wakhe. Ngikhumbula senza i-Azul (ingoma) wayethi isilungile thina sizwa sengathi isashoda nangempela yaphuma imnandi,” kusho uDanger.
Uthe ubematasa akha umuzi wakhe ngesikhathi beqopha.
“Imicimbi eminingi esiqashwe kuyo uGauteng ube nesandla kulokho nokukhombisa inhliziyo yakhe enhle,” kusho uDanger.
USumbody ushona nje, izolo ubezoba nomcimbi iDJ Sumbody 5th annual White Veuve Clicquot Picnic eMenlyn Maine Lawns.
Kukhishwe isitatimende sokuthi umcimbi uhoxisiwe.
USomizi, ofake ingxoxo yakhe ekhuluma nalo DJ ku-Instagram emmema kulo mcimbi, umchaze njengomuntu onamncoko, osebenza ngokuzikhandla futhi ozithobile.
Ukudlula kwakhe kuthinte abaningi ababhale ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudabuka kwabo.