KUTHOLWE nekepisi lamaphoyisa endlini yomsolwa obanjwe nezimoto ezine zokwebiwa, izibhamu nezinhlamvu.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, amaphoyisa ophiko lweProvincial Tactical Response Team (TRT) agasele emzini kamsolwa oseWestville izolo.
“Amaphoyisa athole izimoto ezine zokwebiwa emzini kamsolwa,” kusho uCol Netshiunda.
Phakathi kwezimoto ezitholwe amaphoyisa yiHyundai i20 emhlophe okwakubikwe ukuthi yebiwe enkabeni yeTheku ngoSepthemba nyakenye, iFord Ranger e-grey okwakubikwe ukuthi yebiwe eBrighton Beach ngoSepthemba 2021, kube ama-Toyota Fortuner, emhlophe ne-Gold okwakubikwe ukuthi zebiwe eWestville ngo-Ephreli nangoMeyi nyakenye.
Uthe amaphoyisa aphinde athola ne-Jet Ski ebisisusiwe izinombolo zayo.
Uveze ukuthi amaphoyisa abuye athola nezibhamu ezinhlanu, okuyizibhamu ezinkulu ezintathu, nama-shortgun amabili kanye nezinhlamvu zezibhamu ezahlukene.
“Izibhamu ezitholiwe zizothathwa ziyohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenziswe ezigamekweni zobugebengu,” kusho uCol Netshiunda.
Uthe amaphoyisa abe esembopha umsolwa (28) kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.