AMAPHOYISA avule idokodo aphenya imbangela yokushona komuntu wesifazane otholwe endlini engasahlali muntu esemgwaqweni u-Ireland, eVerulam.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-30 ebesingenazo izibazi zokulimala.
“Kuvulwe idokodo ngokushona komuntu wesifazane otholwe ngoLwesibili endlini engasahlali muntu eVerulam,” kusho uConst Ngcobo.
Abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada kwaReaction Unit South Africa (Rusa) bathe kusolakala ukuthi umufi ubekade engumuntu obecwile ezidakamizweni ebhema iwunga.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe omunye wonogada bale nkampani umiswe umuntu oqoqa izinsimbi obone lesi sidumbu kuqala.
“Kube sekuthunyelwa abezimo eziphuthumayo kule ndawo bafica owesifazane obengasazikhombisi izimpawu zomuntu ophilayo, wadalulwa njengoseshonile. Ayaziwa imbangela yokushona kwakhe,” kusho uBalram.
UBalram uqhube wathi kusolakala ukuthi umufi ubecwile kakhulu ekubhemeni iwunga futhi ubekade engomunye wabantu abebekade behlala kulesi sakhiwo esesashiywa ngabanikazi baso.