BALUKHIPHELE ejajini ulaka lwabo abameli babasolwa nomshushisi emuva kobuhixihixi obuholele ekuhlehlisweni kwecala likanesi osolwa ngokuthenga izinkabi ezabulala umyeni wakhe owayengunjiniyela.
IJaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa, leNkantolo eNkulu yaseThekwini ligcine selixolisa.
UDumisa uthe naye waziswe izolo ekuseni ukuthi liyangena icala lokuthumba, ukubulala nokuphazamisa ingalo yomthetho elithweswe uNkk Nompumelelo Patricia Goncalves.
Umsolwa, umfowabo, uMnuz Nkosinathi Zungu noJames Mashudu “Ramaphosa” Mthimkhulu, owavuma icala wagwetshwa, babekwa icala lokubulala uMnuz Nkosi Timmy Langa.
UMthimkhulu odonsa isigwebo futhi osephenduke ufakazi woMbuso watshela inkantolo ukuthi bathumba umufi kwakhe ePinetown, bambulala ngoSepthemba 30, 2020, Ozwathini.
Ngesikhathi efakaza uMashudu watshela inkantolo ukuthi uNkk Goncalves wamnika uR15 000 awunikwa ukuze alekele uZungu abulale umufi zingakapheli izinsuku ezinhlanu ezase zisele kuphothulwe idivosi yabo.
Izolo uDumisa ubizele icala enkantolo sekuyoshaya u-12 emini esikhundleni sika-10 ezishayela engekho umsizi wakhe aqale wathi unomkhuhlane.
Ube esecela umshushisi u-Adcocate Krishen Shah nommeli kaZungu, uMnuz Jabulisa Malinga nokaNkk Goncalves, uMnuz SG Zwane ukuba babe nenguyazana ehhovisi lakhe.
Unqabile uShah obebukeka ecasukile wathi konke akuqalwe kuqedwe enkantolo wengeza ngokuthi uma beya ngasese konke okuyobe kukhulunywa akuqoshwe phansi. UDumisa ube eseguqisa icala imizuzu emihlanu, waya ehhovisi lakhe yedwa, wabuya esezocacisa ukuthi kwenzekani.
Utshele inkantolo ukuthi naye wagcina ukwazi ngaleli cala mhla liguqa ngoSepthemba 2022, abahlela amacala ehhovisi lenhloko yamajaji KwaZulu-Natal, bamholele ophathe futhi ubengazi lonke leli sonto ukuthi bekumele abe kuleya nkantolo.
Kube sengathi uthelwa ngezibonkolo uShah ovele wathi kuDumisa: “Ngenkulu inhlonipho, okwenzekile kuyihlazo, kuphendula inhlekisa ezomthetho futhi kumele ubathathele izinyathelo abasebenzi abathintekayo. Kuyacaca ukuthi ngiyichithele ubala impelasonto yonke ngilungiselela leli cala. Abasebenzi abathintekayo kumele baphendule.”
Nabameli babamangalelwa bashayelele isipikili bethi akwamukelekile okwenzeke enkantolo.
UDumisa ube esekuhlehlisela inamuhla ukulalelwa kwecala wathi uzobiza nomsizi wakhe uShah abuzile ukuthi uzobe usuphelile yini umkhuhlane okuthiwa umbambile.