AKUCACILE kahle ukuthi sifike kanjani emagcekeni esikole isidumbu somfundi wentombazane.
Amaphoyisa abizelwe esikoleni iHoërskool Garsfontein ePitoli, ngemuva kokuthi unogada ezithele phezu kwesidumbu somfundi emagcekeni enkundla yebhola lombhoxo.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, uhambele kulesi sikole ngemuva kokutholakala kwalesi sidumbu.
"Amaphoyisa ayaphenya ngembangela yokufa kwalo mfundi. Esikwaziyo okwamanje wukuthi akazange azifele,“ kusho uChiloane.
Lo ngqongqoshe uthe bazobambisana nomndeni womfundi osekuvele ukuthi unguMia Kühn futhi uneminyaka engu-16 ubudala. Umndeni bawutholele usizo olufanelekile njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo lawo.