KULINDELEKE ukuba kumbiwe izidumbu zamalungu omndeni wowesifazane obhekene necala lokubulala umshana wakhe ngenxa yomshwalensi.
UNkk Sekgomotsi Setshwantsho (49) ubuyele eNkantolo yeMantshi eMolopo ngoLwesithathu ekuseni lapho umphenyi wecala ebeqhubeka nokwethula ubufakazi, ngokuthi kungani lo wesifazane engafanele ukuthola ibheyili.
Ngesikhathi efaka isicelo sebheyili, umsolwa watshela inkantolo ukuthi ukuhlala ejele kubeka impilo yakhe engcupheni njengoba engumuntu ogulayo.
"Isimo sempilo yami sidinga imithi ethile. Angikaze ngiyidle i-insulin yami kusukela ngaboshwa mhla ziyi-16 kuNovemba. Kufanele ngithathe i-insulin kathathu ngosuku. Imithi yesifo sikashukela idinga ukufakwa esiqandisini ngezinga elithile lokushisa.
“Kodwa-ke angicabangi ukuthi ezitokisini zamaphoyisa engigcinwe kuzo zingagcina imishanguzo yami. Impilo yami iyangikhathaza,” kusho yena etshela inkantolo ngomlomo wabameli bakhe.
Lo nkosikazi waboshwa endaweni yaseCenturion ngemuva kokuthi amaphoyisa aphenye ngokufa kukamshana wakhe, okwadingeka ukuba kumbiwe isidumbu sakhe ukuze sihlolwe.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi umyeni kamshana namanye amalungu omndeni azwakalisa ukungenami kwawo ngendlela ashona ngayo nangokuthi umsolwa wayethathe umshwalense ka-R3 million egameni likamufi, ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba ashone
Umphenyi wecala, uSergeant Kheshi Mabunda, ethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi eMolopo eNorth West, utshele inkantolo ukuthi umsolwa akafanelwe wukuthola ibheyili ngoba esaphenywa ngamanye amacala okubulala indodana yakhe, umyeni wakhe namadodakazi akhe amabili.
U-Sgt Mabunda utshele inkantolo ukuthi uphenyo lokufa kwendodana kamsolwa uKutlo kuguqulelwe ecaleni lokubulala ngemuva kokuvela kombiko othi unina nguyena muntu wokugcina wokubona indodana yakhe iphila.
Kuthiwa indodana yakhe wayeyikhave ngomshwalensi ka-R6 million. Kuthiwa umufi wagcina ukudla i-burger yaseSteers ayithengelwa ngunina ngesikhathi besendleleni ebheke eMothibistad, besuka eKapa lapho yayifunda khona ngaphambi kokudlula emhlabeni.
Liyaqhubeka icala enkantolo.