AMAPHOYISA athele othulini abathathu izolo, etholene phezulu nabesilisa abasolwa ngokuqotha umndeni wabayisikhombisa eHlokozi eHighflats.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netshiunda, uthe kwabathathu abashonile kukhona nowesifazane otholwe kamumva, sekuseshwa imoto abebehamba ngayo.
Elandisa uNetshiunda, uthe abesilisa ababili ebebehamba ngemoto bebeyamaniswa nokubulawa komndeni wakwaKhambule okukhona kuwo nezingane ezintathu ngoSepthemba 11.
“Abasolwa badutshulwe bafa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa emgwaqweni uSt Faiths,” kuchaza uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa abelandela umkhondo ngesikhathi eqaphela imoto efana nobekuthiwa ihamba abasolwa.
“Azamile ukumisa umshayeli wayo kodwa esikhundleni sokuthi ame, bavele badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo akhethe ukubuyisela ngayo inhlamvu,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa ababili bafele khona lapho, kwathi uma sekubhekwa emotweni, kwatholwa owesifazane, naye esephangalele.
Udalule ukuthi ngesikhathi sekuseshwa abasolwa, kutholwe isibhamu esikhulu nesiyi-pistol okuvele ukuthi ngesamaphoyisa.
“Amaphoyisa asaqhubeka nokucinga omunye umsolwa, okuthiwa ubaleke ngezinyawo,” kusho uNetshiunda.
Esigamekweni sakwaKhambule, kwabulawa umama wekhaya uNkk Bahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uNksz Philile Khambule (39), umalokazana uNkk Nompilo Khambule (34), isihlobo uMnuz Sikhumbuzo Khambule nabazukulu uLisa Khambule (9), Siphosethu Khambule (9) noZemvelo Khambule (5).
Abafi bahlaselwa ekhaya.
Umndeni waveza ukuthi emasontweni ambalwa ngaphambi kwenhlekelele, kwakukhona abantu abangaziwa ababelokhu befika emzini wendodana yakwaKhambule eboshiwe, bezoyifuna ngodli.
Kuthiwa babelibeka ngembaba elokuthu bafuna ukuyidubula.
Kwavela ukuthi uNkk Bahlakaniphile Khambule ezama ukusindisa umalokazana wakwakhe nabazuluku, wathi abeze bazocasha ekhaya elikhulu, ukuze baphephe, nokuyilapho abagcina behlaselelwa khona babulawa nawo wonke umuntu owayekhona.