KUGQAME inkinga yokushoda kwamanzi ezindaweni ezehlukene zakuleli, imiphakathi ephuza amanzi nemfuyo kanjalo nokuhluleka kukahulumeni ukuxazulula lezi zinselelo.
Lokhu kuvele ngesikhathi kwethulwa isabelomali sikaR134 billion soMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle ePhalamende.
Amalungu ePhalamende akhale ngokuthi izinkinga zamanzi azibhekene kuphela nabantu abahlala emakhaya kodwa nasemadolobheni.
UNksz Nobuntu Webster weBosa ukhale ngokuthi imiphakathi ithwele kanzima ngenxa yamanzi.
Uveze ukuthi ngisho emalokishini asemadolobheni iyinkinga eyamanzi.
“EThekwini kunenkinga yamanzi ekubeni yidolobha elikhulu. Angiyiphathi ke eyezinye izindawo lapho imiphakathi kudingeka ikhe amanzi emifuleni nasezizibeni ezinezilwane. Iyakhathaza eyokuthi noma kunale nkinga kodwa umnyango ubuyisela emuva imali. Nyakenye kubuyiselwe emuva uR44 million kuMgcinimafa, le mali ngabe isiza umphakathi.”
UMnuz Makashule Gana weRise Mzansi uthe bazimisele ukweseka umnyango kodwa uma uzohlinzeka abantu ngamanzi.
Ukhale esifanayo ngezindawo eziningi kuleli ezingenawo amanzi.
“Abantu kumele bathole amanzi ahlanzekile. Nathi lapha ePhalamende uma sithi amanzi ethu ahlanzekile, kumele ngabe asiphuzi amanzi athengwe ezitolo kodwa siphuze aphuma empompini. Asiphuze amanzi aphuzwa yiwo wonke umuntu.”
UMnuz Thembinkosi Mjadu weMK uthe abaseseki lesi sabelomali ngoba abantu abaningi abanawo amanzi.
Ubale izindawo ezehlukene ikakhulu KwaZulu-Natal athe zakhele amadamu amakhulu kodwa azinawo nhlobo amanzi.
“Abantu abanawo amanzi. Kudingeka kusheshiswe ukuhlinzekwa kwabantu ngamanzi.”
UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Pemmy Majodina, uneke eyezinhlelo ezehlukene zokulwa nenkinga yamanzi.
Uthe kunezinhlelo zokulungisa amadamu ezindaweni ezehlukene eKZN, ezizoletha amanzi.
“Kunamadamu afana neHazelmere azokwandisa indaba yamanzi eThekwini nakwezinye izindawo. Kunamanye azokwandisa amanzi eMkhomazi, Bulwer, enyakatho yeKZN, Port Shepstone nakwezinye izindawo.”
Uvumile ukuthi iTheku libhekene nenkinga yamanzi, wakhala ngokuthi amanzi amaningi ayamosheka kuleli.
“Siyizwe elisebenzisa kakhulu amanzi. Amanye amanzi ayamosheka agcina engafinyelelanga emphakathini. Lokhu kudalwa ukuvuza kwawo kanjalo nengqalasizinda esindala,” usho kanje.
Ukhale nangemvula ehambisana nezikhukhula athe ilimaza ingqalasizinda.
“Siyayithanda imvula kodwa uma isihamba nezikhukhula ilimaza ingqalasizinda. Imvula yenza ukuthi amadamu angashodi ngamanzi. Ukuguquka kwesimo sezulu kuyasilimaza ngoba izikhukhula zango-2022, 2023 nezamanje eKapa, zilimaza le ngqalasizinda yamanzi kanjalo neyokuthuthwa kwendle,” kusho uNksz Majodina.
UMnuz David Mahlobo, iPhini likaNgqongqoshe walo mnyango, lithe ngeke kubekhona ukushoda kwamanzi kuleli.
Uthe kunemali evile kuR40 billion ukusiza omasipala ababhekene nenkinga yamanzi.