KUZOBA lula ukuthola ulwazi lokuchuma kwezobuciko emacikweni asemasha akuleli, kulandela ukusungulwa kwesikole sezobuciko okwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo, iMzansi Arts Development Ensemble, esigunyazwe ngokusemthethweni yiCulture, Arts, Tourism, Hospitality and Sport Sector Education and Training Authority (CATHSSETA).
Umsunguli wale nhlangano eqambe lesi sikole esiseThekwini ngegama layo, uNksz Lerato Molemong, uthe bekumkhathaza ukubona amanye amaciko egcina esala endleleni ngenxa yokuswela ulwazi lwezobuciko.
“Yingakho ngisungule lesi sikole esiqale ukusebenza ngenyanga edlule ukusiza abantu abasha, abathanda ezobuciko ngokubacija emakhonweni abo ehlukene ukuze kwande amathuba okuchuma kwabo endimeni,” kusho uNksz Molemong.
Uveze ukuthi okwamanje basafundisa izitshudeni zabo eziwu-38 izifundo zomculo nomdanso mahhala, ngokulekelelwa yiNational Lotteries Commission okuyibona baxhasi babo ababhekelele izindleko zokufunda kwezitshudeni.
Umqondisi wale nhlangano eqale ukusebenza ngo-2005, uMnuz Lucky Cele, uthe bazimisele ukusebenzisa amava abanawo kwezobuciko ukuqinisekisa ukuthi abazodlula esandleni sabo bahamba ibanga elide kwezobuciko.
“Sengibe sembonini yezobuciko iminyaka eminingi kakhulu futhi ngiziqonda ngokuphelele zonke izingqinamba amaciko asafufusa abhekana nazo. Yingakho sizibophezela ukwenza okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi abafundi bethu baphuma sebenolwazi oluzobasiza ukubhekana nobunzima bemboni yezobuciko,” kuthembisa uCele.