ILUNGA leDA elisanda kusula esiShayamthetho lichitha eyokubalekela inhlolokhono. Ngokujwayelekile uma uzimisele ngokungena ohlwini lwamalungu azomela iDA esiShayamthetho kumele ubhale inhlolokhono kube sekuya ngokuthi uyayiphumelela yini.
UMnuz Hlanganani Gumbi ongene ePhalamende eneminyaka engu-21 nobethathwa njengomunye wamalungu alo amancane, utshele Isolezwe Online ukuthi yena usulile nje ngoba esezimisele ngokugxila kwezamabhizinisi.
“Le eyokubalekela inhlolokhono angiyazi, vele mina bekwaziwa ukuthi angisabuyi ngoba ngabazisa ubuholi beDA ukuthi ngizimisele ngokugxila ebhizinisini.
“Empeleni ngihlale ePhalamende iminyaka emithathu, ngasho ukuthi sengifuna ukushiya, bacela ukuthi ngize eKZN, esiShayamthetho ngiqhubeke namabhizinisi ami, ngibe sengiyavuma,” kuchaza uGumbi.
Uthe uhlale esiShayamthetho iminyaka engu-9, manje uzimisele ukuhamba ngempela.
Uthe okunye ukuthi uthole nomfundaze wase-Unted Kingdom wonyaka. “Angifuni lutho oluzongiphazamisa kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngizoqhubeka ngibe yilungu leDA, ngishiye esiShayamthetho kuphela,” kuchaza uGumbi.
Isolezwe Online limthole eseFrance ngokujutshwa yiDA esiShayamthetho. Uveze ukuthi uzobuya ngesonto elizayo.